ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithi abantu bakuleli kufanele bayeke ukukhalela ukuhoxiswa koxhaso lwezigidi zamarandi izwe ebelizithola eMelika.
IMbube ithe abantu baseNingizimu Afrika bazokwazi ukuqhubeka bephile ngaphandle koxhaso lweMelika. Ikusho lokhu ngesikhathi yethula inkulumo yokuvula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal, eMgungundlovu, izolo.
UMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, usanda kuhoxisa uxhaso lwezigidi zamarandi olutholwa yiNingizimu Afrika. Lolu xhaso lwelekelela kakhulu emikhankasweni yokulwa nokusabalala kwengculazi.
UTrump wahoxisa uxhaso ngoba nakhu esola elakuleli ngokuphuca amaBhunu umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Konke lokhu kwenzeke emva kokusayinwa komthetho wokuthathwa komhlaba.
IMbube iqinise idolo abantu bakuleli abakhathazwe yisinqumo sikaTrump.
“Ngithanda ukunikeza abantu baseNingizimu Afrika ithemba kuzo zonke izinto ezenzeka emhlabeni jikelele. Akufanele sibone sengathi sehlelwe okubi ngoba nakhu uTrump uhoxise uxhaso lwakhe. Sisengakwazi ukuphila ngaphandle koxhaso lukaTrump.”
IMbube ibe isdlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe ezikhukhuleni ezihlasele ezingxenyeni zesifundazwe.
INdlulamithi yamaKhosi ithe ifuna ukuthi uhulumeni ubambe ingqungquthela ezobhekana nokuguquka kwesimo sezulu.
“Kusemqoka ukuba udaba lokushintsha kwesimo sezulu lusheshe lusukunyelwe futhi nami ngizimisele ukuba yingxenye yengqungquthela.”
ISilo siphinde sakhalisa imindeni yamasosha akuleli asala empini eqhubeka eDemocratic Republic of Congo (DRC).
IMbube ikhale ngobelelesi obudla lubi eNanda nakwezinye izingxenye zesifundazwe, sathi kufanele amaphoyisa aqhamuke namaqhinga okuqeda lobu bugebengu obudlangile.
IMbube iphinde yakhala nangokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. ONgangezwe uthe uzimisele ukuqhubeka nokuba yihawu labesifazane nezingane.
ISilo kasizange sande kakhulu odabeni oluthinta isicelo sokuvalwa kwebhange Ithala, kanye nodaba oluthinta iNgonyama Trust.
Ngeledlule, iMbube yayibize imbizo eyabhunga ngalezi zindaba. Izolo, ithe inethemba lokuthi sizotholakala maduze isixazululo ezinkingeni ezikhona.
Beziqinile ezokuphepha enkundleni obekusingethwe kuyo umcimbi wayizolo, iWoodburn Stadium. Ngaphambi komcimbi, iSilo sazwakalisa ukukhathazeka ngokuthi le nkundla ayiphephile. Kubonakale amaphoyisa angaphansi kophiko i-task force, eqaphe okwenzekayo.
Kulo mcimbi kubonakale uNdlunkulu uNomzamo Myeni, okwakufanele agcagcele iSilo ngenyanga eyedlule, kodwa umgcagco wabuye wahlehliswa.
Umcimbi wayizolo ubuhanjelwe abaholi bezepolitiki abaqavile. Phakathi kwabaholi abebehambele umcimbi wayizolo kubalwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ababengondunankulu baKwaZulu-Natal, oMnuz Sibusiso Ndebele, Willies Mchunu, Sihle Zikalala noNkk Nomusa Dube-Ncube.
Bekukhona nababengabaphathiswa abasanda kuqokelwa ethimbeni elihola i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, noNkk Weziwe Thusi.