Uzithintele iziqandu @ThuliMadonsela3 ozwakale esegadla kubelungu ngenkulumo yakhe ephendula imibuzo ngesimo @afriforum ngokufuna usizo kumengameli waseMelika.
USihlalo we-Social Justice eNyuvesi yaseStellenbosch, uSolwazi Thuli Madonsela uthi i-AfriForum ibhekene nesimo sokuhluleka ukwamukela iqiniso lokuthi abantu abamhlophe bangabantu abajwayelekile njengabo bonke abantu eNingizimu Afrika, njengoba umbuso wobandlululo wawubenza babengabakhethekile.
“Ngicabanga ukuthi abanye abelungu, ikakhulukazi i-AfriForum bafuna ukuhlehlisa isondo futhi bathole isizathu sokuphinde babe ngabakhethekile. Kubonakala sengathi bathole umngani kumengameli waseMelika nokuyinto ebonakala ngokusobala ukuthi ayihambisani nobulungiswa bezenhlalakahle futhi akuhambisani namalungelo abantu njengoba sigubha Inyanga Yamalungelo Abantu eNingizimu Afrika.”
Le nkulumo yakhe ayehlanga kahle kubelungu bakuleli abamsole ngokuba umuntu ocwasayo
@roodtjimmy·Kwenzakaleni kuSolwazi, ngabe wayevele engumyntu ocwasayo kodwa efihla?
@MyburghNiel usemncane wawuphupha uziphindiselela kubelungu ngalokhu ababekwenza ngaphansi kobandlululo. Iphupho lakho seliyafezeka manje. Ukucwasa amantombazane angabelungu angazilutho ngobandlululo. Ufuna ukusebenzisa le mithetho engu-142 yobuhlanga neminye emelene nengane yomlungu ngenxa yokuziphindiselela kwakho. Imithetho yomjaho ivuliwe.
@nardus6517 Usho ukuthi abelungu kumele bathule nje bamukele ukuthi sizoba yizakhamizi ezisezingeni lesibili ezingenalo ilungelo lokubheka izimfuno zethu. Kuthi kusenjalo, intela yabamhlophe abambalwa abasebenzayo izosetshenziselwa ukuphakamisa abanye (okuyinto nayo engacacile ngokwesimo saseNingizimu Afrika), hhayi ukuphakamisa abamhlophe. UThuli usekuveze kaningi ubunjalo bakhe kuyacaca bekunzima kuyena ukufihla imizwa yakhe yangempela ngesikhathi engumvikeli womphakathi.