UKUQONDA ukuthi akuwona wonke umuntu okwazi ukufika lapho asuke enzele khona imicimbi yokucobelana ngamasu okukwazi ukukhuluma ngokukhululukeka eningini, kwenze uNksz Thembeka Magwaza waxukuza ugebhezi, ezihlupha ngokumele kube yisixazululo.
Umfikele kanjalo umcabango wencwadi esihloko Speak With Confidence, ewuhlobo lwe-eBook - okusho ukuthi umuntu oyidingayo uyakwazi ukuyithenga ngekhompyutha yakhe noma iselula, ayifunde noma yinini uma edinga ulwazi olukuyona.
Elandisa Isolezwe ngale ncwadi, uNksz Magwaza wenkampani i-TM Public Speaking, uthe ukubona kuhlale kwanda abantu ababa khona uma enze imicimbi yakhe eba khona kane ngonyaka, kwenze wabona ukuthi kusemqoka ukuqhamuka nenye indlela ezosiza abantu abangakwazi ukufinyelela lapho asuke eyenzele khona.
“Yingakho ngibone kukuhle ukwenza incwadi enjena, enamakhasi ayisishiyagalombili, enamathiphu aqondene nabantu abafuna umsebenzi, abafundayo nabaphethe amabhizinisi ngokwehlukana kwabakudingayo. Nginikezela ngolwazi lokuthi bangenza kanjani ukukhuluma nokwethula imicabango namasu ezinto abasuke bezidinga ngaleso sikhathi, ukuze bathole konke abakudingayo,” kusho yena.
Eqhuba, uthe okuhle kakhulu ngale ncwadi wukuthi ibiza uR1 nje kuphela, okuthi uma usungene kwi-link yokuyithenga, kuvela nezinye izindlela zokuthola ulwazi oluningi nolunzulu, oluqala ku-R150 kuya ku-R350 kumuntu osuke efuna ukuluthenga.
“Yizinto ezifana nalezi engicabanga ukuthi singabantu kumele sizicabange, sizihlele bese siyazenza kubantu ukuba wusizo ngokwehlukana kwemikhakha esigxile kuyona,” usho kanje.
UNksz Magwaza uthe ngaphandle kwale ncwadi, usazoqhubeka nezinhlelo zenkampani yakhe zokuhlela izigcawu nemicimbi yokucobelana ngolwazi.