OKlebe baqinisekise ukuvulwa kwamadokodo amane okuvukela umbuso kulandela izinsolo zokusatshalaliswa kolwazi oludukisayo eMelika ngoMthetho Wokudliwa Kwempahla eNingizimu Afrika.
Izinhlangano ezahlukene okubalwa kuzo namaqembu epolitiki zifake izikhalo kulandela izinsolo zokuthi umengameli waseMelika uDonald Trump wadukiswa ngodaba lomhlaba. Lokhu kuholele ekutheni uTrump ahlasele futhi ahoxise uxhaso olutholwa yiNingizimu Afrika, eyisola ngokuhlukumeza amalungelo abantu amaBhunu.
IMK Party yaba ngabokuqala ukuphumela obala ngokungenami ngesenzo se-Afriforum futhi yavula icala, kulandela isinqumo sikamengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, sokuhoxisa uxhaso olutholwa iNingizimu Afrika ngoba esola elakuleli ngokuhlwitha umhlaba nokunyathela amalungelo abathile.
Umholi we-MK ePhalamende, uDkt John Hlophe, uthe lokhu okwenziwe yi-AfriForum kuyicala elibomvu.
“Bahlangane nezinhlaka zangaphandle baphazamisa ukuzimela kwezwe. Le nto abayenzile ifana ncamashi nokuphazamisa ukusebenza kwezwe kanye nomnotho. Maningi amacala afana nalawa aseke athethwa lapho khona amajaji akubeka kwacaca ukuthi kuwukuvukela uMbuso ukunxenxa uhulumeni wangaphandle ukuba unswinye izwe lakho.”