UKHOMISHANA wamaPhoyisa ubuyise ithemba ngokubanjwa kwababulali baka-AKA. Lo mculi we-hip hop wabulawa ngaphandle kwendawo yobumnandi iWish eMorningside, eThekwini.
Kwathi bezikhulumela nabangani bakhe ngaphandle kule ndawo, kwaqhamuka umlisa ophethe isibhamu wavele wadubula u-AKA wabaleka wayongena emotweni wahamba, konke lokhu kwaqoshwa ngamakhamera.
Kuze kube yimanje akekho oseboshiwe. Namhlanje esithangamini nabezindaba, uKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi uthe imoto nesibhamu okwasetshenziswa ngalo luya suku sekutholakele futhi banesiqiniseko sokuthi yikhona.
“Bakhona abantu esikhuluma nabo manje, okubukeka sengathi basondelene nalo ludaba. Asifuni ukuxhamazela, sisebenzisana kahle nophiko lweNational Prosecuting Authority (NPA).
Ngaphandle kwababulali ababekhona ngosuku okwafa ngalo u-AKA, bakhona abantu abangemuva nabo esixoxa nabo,” kusho uGeneral Mkhwanazi.
Uveze ukuthi kuningi asebekwenzile ngalo ludaba, kangangoba maningi izingcingo asebezicubungulile nezinombolo ukuthi kuhlobene kanjani no-AKA.