LUTHELA izithelo ezinhle uhlelo lokubekisa indawo emalolini azongena echwebeni laseRichards Bay njengoba kuthiwa sesehlile isibalo samaloli ama kulayini uma eyoshiya amalahle echwebeni.
Abashayeli bamaloli amalahle, ikakhulukazi abasuka eMpumalanga batshela Isolezwe ukuthi bayesaba ukuthi bazohlaselwa njengoba bema kolayini abade uma beyoshiya amalahle echwebeni.
AbaseTransnet ababhekele ukusebenza kwechweba laseRichards Bay batshela Isolezwe ukuthi banezinhlelo zokwehlisa olayini abade.
Kuleli sonto baveze ukuthi ukufuneka kwamalahle emhlabeni jikelele kwenze ukuthi isibalo samaloli afika kubo sifinyelele ku-1 500 ngosuku.
Babuye baveza ukuthi ukungasebenzi kwamaguzu nokusha kwamabhande abehambisa amalahle ase-ArcelorMittal South Africa, Foskor neGrindrod kusho ukuthi amaloli yiwona asenza lowo msebenzi.
Amalahle asuka eRichards Bay Coal Terminal anyuke esuka kumathani awu-4.7 million ngo-2021/22 aya ku-11.7 million ngo-2022/23.
Bathe amaloli aseyakwazi ukubekiselwa indawo ngaphambi kokuthi afike echwebeni. Lokhu kusho ukuthi sekufika awu-700 ngosuku asetshenzwe, ahambe kunawu 1 500 abefika phambilini.
Amaloli asuke engabekisile yiwona ama kulayini njengoba kuqalwa ngasuke ebekisile.
Kuthiwe kunohlelo lwezinkampani ezizimele ezithwala amalahle, nazo ezisiza ukwehlisa isiminyaminya samaloli.
UMnuz Thula Dlamini, oyisikhulu seRichards Bay Terminals, uthe kulula ukuthi abantu bakhohlwe wukuthi wonke amaloli asuke ehamba kuN2 asuke eya echwebeni.
“Angaphezu kuka-50% amaloli asuke eya ezinkampanini ezizimele ezisebenza eduze kwechweba, asuke ehamba kuN2. Ukuba nalezi zinkampani kuyasiza ukuthi impahla eya echwebeni isheshe ihlelwe kahle, bese ithathwa ngamaloli ukuze ilinde ukufakwa emkhumbini. Ukuhamba kwamaloli amaningi eduze kwechweba kuyaphazamisa ukusebenza emgwaqweni eseduze nechweba,” kusho uDlamini.
Uthe umsebenzi wokususa ingqalasizinda eyamoshwa wumlilo, usuphelile futhi inkontileka yokuthi ilungiswe isikhishiwe.