ZIMBALWA iziguli ezihaqwe yigciwane elizishintshile leCovid-19, i-omicron, eziphefumula ngemishini njengoba kuhlasele isiwombe sesine kuleli.
Lokhu kubikwe ngoLwesihlanu esithangamini nabezindaba nguDkt Wasilla Jassat, wesikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo kuleli, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD).
Ekhuluma esithangamini ebesihlelwe wuMnyango wezeMpilo kuleli, uDkt Jassat uthe okwamanje abantu abalaliswe ezibhedlela bambalwa kubona, abaphefumula ngemishini.
"Okwamanje sibona sengathi igciwane eselizishintshile i-omicron aligulisi kakhulu njengeDelta kodwa kusesekuseni ukuthi singasho siqinise ngempela. Kuningi esingakakwazi ngaleli gciwane njengoba sisaqhubeka nokulicwaninga kwazise liselisha," kusho uDkt Jassat.
Uqhube wathi ngesikhathi ifika i-omicron, kwatholakala u-20% weziguli ezihaqwe yigciwane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu, zilaliswe ezibhedlela nokuyinto ebingenzeki kwamanye amagciwane. Wathi kodwa isimo sesiya ngokwehla ngoba ziyancipha izingane esezilaliswa ezibhedlela manje.
“ Kumanje wu-7% wezingane okutholakale ukuthi zineCovid-19 ezilaliswe ezibhedlela okusho ukuthi isimo sesishintshile, sisacubungula ukuthi yini esishintshile, " kusho udokotela.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Joe Phaahla, uthe zonke izifundazwe zakuleli zisesiwombeni sesine sokuhlasela kweCovid-19 uma kubhekwa ukwenyuka kwezibalo zabahaqwa yigciwane usuku nosuku.
"IGauteng okwamanje kuseyiyona ehamba phambili ngezibalo eziphezulu zabahaqwa yigciwane, njengoba u80% wezibalo ezintsha wakhiwa izibalo zabantu bakulesi sifundazwe. Isibalo sabahaqwa yigciwane ngosuku kulesi siwombe sikhomba ukuthi isibalo kulesi siwombe sebengaphezulu kwabalabo abebehaqeka ngosuku ngesiwombe sesithathu. Njengamanje kubantu abangu-100 000 abahlolelwe igciwane abangu-37 batholakala benalo kanti esiwombeni sesithathu kubantu abangu-100 000, bekutholakala ukuthi abantu abangu-33 bahaqekile," kusho uDkt Phaahla.
Uqhube wathi isibalo sabalaliswe ezibhedlela naso siyenyuka kodwa asikashayisi ngovalo.