KUNXUSWE wonke umuntu ukuthi alandele ezimfundisweni zomholi onohlonze, iNkosi Albert Luthuli ngokubamba iqhaza ekuqedeni udlame lobulili olubonakala ludla lubi kuleli. Umyalezo wokuvikela abesifazane ugqame kakhulu ngoLwesihlanu ngesikhathi kunesithangami iChief Albert Luthuli Research Chair, e-Unisa egatsheni layo iMuckleneuk, eTshwane.
Umlando uthi inkosi uLuthuli yaba wumengameli we-ANC kusukela ngo-1952, kwaze kwaba iyashona ngoJulayi 1967. Kuthiwa uLuthuli washayiswa yisitimela kodwa kwaba nezinsolo zokuthi kukhona okunye okwenzeka kuyona.
Inkosi uLuthuli yaziwa njengendoda eyayimele uxolo nokuthula njengoba yahlonishwa ngendondo yoxolo (Nobel Peace) ngo-1961. ULuthuli waba ngowokuqala omnyama wase-Afrika, ukuthola le ndondo yoxolo.
Isikhulumi sosuku kube nguNkk Monica Geingob, ongunkosikazi kaMengameli waseNamibia, uMnuz Hage Geingob. UNkk Geingob, uthe kusekuningi okufanele kwenziwe ukuze amadoda ashintshe indlela aphatha ngayo abesifazane.
“Amadoda awayona inkinga kodwa anenkinga nje ewabambile edinga ukulungiswa. Kufanele ashintshe indlela acabanga ngayo bese kulungiswa indlela yokusebenza kwezinhlaka zomthetho,’’ kubeka uNkk Geingob, ogogode kwezomthetho futhi ongusomabhizinisi.
USihlalo womkhandlu iLuthuli Museum, uMnuz Important Mkhize, uncome iqhaza likandlunkulu wenkosi uLuthuli, uNkk Nokukhanya, uMaBhengu Luthuli ngeqhaza lakhe. Umchaze njengowayethanda futhi enakekela abantu. Bekukhona nomzukulu wenkosi uLuthuli, uMnuz Nkosinathi Luthuli emele umndeni.
Isithangami besizimaziswe nanguMnuz Thabo Mbeki, owake waba ngumengameli wezwe okumanje unguShansela wase-Unisa. Bekukhona nePhini likaShansela, uSolwazi Puleng LenkaBula naye obeke ambalwa.