INTATHELI YESOLEZWE
IZINYUNYANA zojele nezinhlangano ezilwela amalungelo eziboshwa, zikhathazekile ngokunyuka kwezibalo zojele neziboshwa abatheleleka ngeCorona, emajele akuleli.
Okhulumela lo mnyango uMnuz Logan Maistry, uthe bangaphezu kuka-5 400 abasebenzi neziboshwa abatheleleke ngegciwane, kwashona abangaphezu kuka-70. Uthe umnyango uthole ukuthi abasebenzi bangu-3 500, iziboshwa zingu-1 800 ezihlabekile.
Okhulumela inyunyana yamaphoyisa nojele iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru), uMnuz Richard Mamabolo, uthe bakhathazekile ngezibalo zabathelelekayo.
“Sikhathazekile, yize kulandelwa imithetho kodwa abanye abenzi ngendlela ebekiwe. Bakhetha ukubeka phambili ezinye izinto kunokuqikelela ngempilo yeziboshwa nabasebenzi,” kusho uMamabolo.
UMengameli weSA Prisoners Organisation for Human Rights, uMnuz Golden Miles Bhudu, ufuna lusheshe uhlelo lokukhishwa kweziboshwa ezingakagwetshwa, nalezo okufanele zidedelwe ezitokile.
Okhulumela iPublic Servants Association (PSA), uMnuz Reuben Maleka, uthe izinhlangano zeziboshwa zisebenzisa leli thuba lokuba kudedelwe iziboshwa ngoba kuthiwa kugcwele kakhulu, okunomthelela wokubhebhetheka kwegciwane.
UMaleka ukhathazekile ukuthi iziboshwa zidedelwa zingakahlolelwa iCorona.