AMANAZARETHA aseKuphakameni, akhungathekile ngokunyamalala komholi walolu hlangothi, inkosi Vukile Shembe “Incoyincoyi”, futhi akunqondakali ukuthi ukuphi.
Kuzokhumbuleka ukuthi Incoyincoyi inyamalale ngoSepthemba nyakenye, emva kwesidumo okuthiwa senzeka eKuphakameni.
Kuthiwa umholi waze wabizelwa amaphoyisa edubula emoyeni ngesibhamu okomuntu ohanjelwa wumqondo, waphuthunyiswa esibhedlela njengoba kwavela ukuthi akaphilile.
Isigameko sokudubula egcekeni saqinisekiswa ngokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, wathi amaphoyisa aseMtshebheni, atheleka eKuphakameni kodwa alikho icala elavulwa.
Kusuka kuleso sigameko lo mholi akaphindanga wabonakala ebandleni. Umthombo weSolezwe ngeSonto oseKuphakameni, uthe namanje akekho ebandleni umholi.
“ Okukhomba ukuthi inkulu into ebhekene nenkosi (Incoyincoyi) ukuthi ayizange iye ngisho entabeni eNgcwele, iNhlangakazi. NgokwamaNazaretha unyaka usuke ungaqalile uma kungayiwanga entabeni futhi umhlangano wokunyuka intaba ukhishwa ngumholi kuphela. Lokho kudalwa wukuthi nguyena kuphela onelungelo lokuphatha ubhoko ahole amalungu ebandla kuyiwa entabeni. Kulokhu insimbi yokuthi kuyiwa entabeni yakhala kusuka ngo-4 entathakusa kwaze kwashaya u-10 ekuseni, kungaphunyiwe ngenxa yokungabonakali komholi eqala uhambo. Kuze kwaphoqeleka ukuthi amakholwa aphume ngaphandle komholi ngoba sekucaca ukuthi akekho,” kulandisa umthombo.
Uqhube wathi aphuma ahamba engaphethe ngisho umphongolo wesivumelwano, othwalwa uma kuyiwa entabeni ngenxa yokuthi awuphumi uma engekho umholi. Ngokunjalo nobhoko aluphumanga ngenxa yokuthi luphwathwa ngumholi webandla kuphela.
Okhulumela abaseKuphakameni, uMshumayeli Mdumiseni Vezi ukuqinisekisile ukuthi umholi akekho ebandleni.
“ Ukungabonakali kwakhe ebandleni akusho lutho olubi. Inkosi inemizi eminingi eyisebenzisayo, kumanje iphumule kweminye yemizi yayo. Ngeke ngikwazi ukudalula lapho ihleli khona ngenxa yesimo sezokuphepha. Nokuya entabeni ayiyanga kodwa yathumela abafundisi ukuthi bahole umhlangano wokunyuka intaba,” kusho uMshumayeli Vezi.
Uthe bonke abaholi bakaShembe, banesikhathi sokuthi babuye bahlabe ikhefu emsebenzini wenkonzo futhi akuqali ngeNcoyincoyi.