UKHALE ngokungabi naso isiteshi samaphoyisa umphakathi waseMbazwana, eMkhanyakude, ngesikhathi uvakashelwe wubuholi obuphezulu KwaZulu-Natal noNgqongqoshe wamaPhoyisa enkundleni yezemidlalo iThengani, izolo.
Kwabebehambele lo mphakathi kubalwa noNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube nongqongqoshe bakhe, kwase kuba uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele.
UMnuz Sikhalo Gwala waseMbazwana, uthe sekunesikhathi eside bekhuluma ngesiteshi samaphoyisa kule ndawo.
“Asazi senzenjani. Sifisa nike niye laphayana niyozibonela (ekhuluma ngesiteshi samaphoyisa esivaliwe),” kusho uGwala.
Uthe okubuhlungu ukuthi uCele wabathembisa ukuthi izolungiswa indaba yaso.
“Ngangize kuwe ngqo, ngithunywe yinkosi, wathi uzoqale uqashe amaphoyisa ngaphambi kokuthi wakhe isiteshi. Nakhu manje sesivaliwe, senzenjani ke?” kubuza yena.
Uthe isifiso sakhe ukuthi lonke ithimba likahulumeni ebelihambele imbizo ke-lihambe liyozibonela isimo ababhekene naso njengoba isiteshi samaphoyisa sivaliwe.
Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Nkosingiphile Sithole waku-Ward 15 KwaMhlabuyalingana, lithe bayawabona amaphoyisa ukuthi akhona nokuyinto ebajabulisayo ngoba banenkinga yobugebengu.
“Abantu bayasaba ukuvakashela indawo yethu ngenxa yobugebengu,” kusho uSithole.
UCele ephendula, uthe bazwile ngesikhalo sokuvalwa kwesiteshi saseMbazwana.
Wathi sivalwe ngokomyalelo woMnyango wezeMisebenzi kukaHulumeni, kwazise isakhiwo ebesiyisiteshi samaphoyisa esawo.
Uthe bayaqhubeka nokulwa nobugebengu njengoba bethumele kule ndawo uBrigadier Mashaba okade eseKapa.
“Simthume ukuthi azosikhucululela le ndawo kusuka ngoMashi nonyaka. Simthumela namaphoyisa angu-142 okungesiwo awala nezimoto ezingu-48 ezisosebenza le ndawo,” kusho uCele.
Uveze ukuthi sekuboshwe abantu abangu-103 selokhu efikile uMashaba.
“Oyedwa usegwetshwe iminyaka engu-55. Ngizothi Mashaba nalabo okuthiwa babhace emahlathini, ngithi balandeni nibuye nihamba nabo ngezinyawo, noma belele ngomqolo,” kusho uCele.
Ubuye wathi kukhona noboshelwe inqwaba yamacala okubulala.
“Izitokisi eziseziteshini zigcwele. Ukuzophendula lezi zinkinga esathi mhla sizobeka uJuda Mthethwa nathi nibhekene nazo. Siyazi ukuthi bakhona abanye khona la, abathunyiwe ukuthi bazolalela. Sifuna bahambe ke bayobatshela ukuthi sizobathola,” kusho yena.
Uqhube wathi angu-56 amadokolo asenkantolo njengamanje. Wathi kunezimoto ezingu-63 esebezitholile bazibuyisela kubanikazi bazo.
“Kukhona ezinye ezingu-61 esesizitholile, esisathetha ngazo amacala. Ezingu-26 asizazi ukuthi ngezobani. Ezingu-42 ziboshelwe ukuthi zaziyokwenza amacala awokudlwengula, awokubulala nawokubamba inkunzi,” kusho uCele.
Utshele uMashaba ukuthi zincane izibhamu ezingu-29 nezinhlamvu ezingu-318 athi bazitholile.
Wexwayise ngokuthi ayikho indlu abangeke bangangqongqozi kuyo\ ngoba ikhona imizi eyaziyo ukuthi izigebengu zingobani.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe noma bengakafinyeleli lapho okufanele bafinyelele khona kodwa umsebenzi uyabonakala.
“Kuke kwaba khona isihlava sokubulawa kwabaholi abalwa nobugebengu kodwa lokho sekuthe ukuncipha. Okunye ebesizokwenza la ukuzokwethula usonkontileka ozokwakha udonga, oluzovikela imiphakathi yalapha eMkhanyakude,” kusho uNkk Dube-Ncube.