ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Malusi Gigaba, lithe akumele kuqoqwe udoti uma sekusondele ukhetho noma ukhetho lokuchibiyela kuphela eMlaza.
UGigaba obekhankasa ku-ward 88 kwa-D kuleli lokishi ngoMgqibelo, ukhale ngokuthi abantu bayakhala ngokuthi kuqala ukuthuthwa udoti ngoba sekusondele ukhetho.
Uthe kumele kugxekwe ukuphathwa kwabantu ngendlela engalungile kule ward ngesikhathi kudilizwa imijondolo.
“Kuyacaca ukuthi azikho izinhlelo ezabakhona ukwazisa abantu ngokuthi kuzodilizwa imijondolo. Sifuna nabashaya izakhamuzi ngesikhathi bezodiliza ubathathele izinyathelo zokuqondiswa kobugwegwe uMasipala weTheku,” kusho uGigaba.
Uthe kunezigidi ezikhishwayo ukuze kuqoqwe udoti kodwa akwenzeki.
“Kumele abantu sibaphathe ngendlela enenhlonipho bangahlukunyezwa. Kumele udoti ulandwe ngoba kulula ukuthi lokho kwenzeke,” kuqhuba uGigaba.
Kube nezinkinga ekuqoqweni kukadoti kuleli lokishi njengoba kuke kwama.
UGigaba uthe baningi abantu abasahlala emkhukhwini wathi bakhala ngokuthi abanakwa.
“Amakhansela kudingeka anake abantu. Kumele kube nemizamo kumasipala ukuthi unike amakhansela usizo ukuze kuxhunywane nomphakathi ngendlela.”
Uthe abantu abahlala emjondolo basakhala ngokuthi awukho umgwaqo oyitiyela owenza kube lula ukuthi bahambe.
“Bakhala ngokuthi baba nenkinga uma sekushoniwe sekudingeka kulandwe isidumbu imoto ingasangeni. Ngezinye zezinto lezi okumele zilungiswe,” kusho uGigaba.
Uthe bakhala nangemisebenzi abathi noma ilethwa kuya ngokuthi wazana nobani ukuze abantu bathole imisebenzi yokuhlanza izindawo abahlala kuzona.
NgoMashi 6, kuzoba nokhetho lokuchibiyela kule ward kulandela ukubulawa kwekhansela le-ANC nyakenye uMnuz Sbu Maphumulo.
Khonamanjalo uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, uNksz Nomaindia Mfeketo nozakwabo esifundazweni, uMnuz Ravi Pillay, bavakashele olindela abaseSiphingo ngempelasonto beyozizwela ngezinselelo zabahlali.
Leli thimba lizwe izikhalo zokuthi abantu bahlala endaweni enamanzi, uphahla luyavuza nangokunye.