UKHALA ngesihluku okubulawe ngaso amalungu awo umndeni wakwaDlamini eNyavini, eHlokozi, ngoLwesine.
Kulesi sigameko kudutshulwe kwabulwa ubaba wekhaya, uMnuz Bhekisisa Michael Dlamini (61) kwase kugencwa nomzukulu wakhe u-Enhle Dlamini (7).
Kuthiwa kulinyazwe unkosikazi (51) kamufi ngawo ucelemba, okuthiwa isandla sakhe izigebengu zisigence sasala kusofa.
Kuthiwa lona wesifazane usathola usizo esibhedlela umndeni ocele ukuthi singadalulwa kwazise abasolwa basagcwele amathafa kanti nembangela yokuhlasela kwabo ayikaziwa.
Kulesi sigameko kuthiwa akhona amanye amalungu omndeni okuthiwa asinde ngoba abaleke ayocasha ngesikhathi kuhlasela abasolwa.
Ilungu lomndeni elicele ukuthi lingadalulwa igama lalo lithe bathole ukuthi abasolwa bafice uDlamini esegcekeni ngesikhathi begasela ngezithuba zawo-8 ebusuku.
Lithe ubabuze ukuthi bangobani nokuthi bafunani. Lithe kuthiwa abazange bamphendule ngamazwi kodwa bamphendule ngezulu lezandla.
“Bathe besuka badlulela endlini, bafica unkosikazi wakhe ehleli kusofa egone umzukulu abagcine bemgenca eshona,” kusho ilungu.
Lithe nakubona laba (unkosikazi kamufi nomzukulu) abakhuluma ngalutho kodwa bavele babadumela ngocelemba.
“Isandla sikankosikazi kamufi sisale khona lapho, kanti umzukulu yena uthulele khona lapho,” kulandisa ilungu.
Linanele esikhalazweni Isolezwe elisihabule emphakathini sokuthi alusheshi ukufika usizo lwamaphoyisa uma umphakathi ubhekana nezigameko ezihlasimulisa umzimba.
Isolezwe lithole ukuthi ukuqhuma kwesibhamu ebusuku maqede kuzwakale ukuthi kukhona umuntu obulelwe ngakusasa ekuseni sekuyinto evamile kule ndawo okuthiwa kade ingenabo ubugebengu obungaka.
Lithole ukuthi esigamekweni esandulela lesi sakwaDlamini kudutshulwe kwafa omunye ubaba endaweni okuvele ukuthi wayephucwa izinkomo zakhe.
“Imfuyo yabo abantu abasayilalisi ezibayeni, sebeyilalisa ezindlini,” kusho ilungu lomphakathi elikhathazekile.
Liphinde laveza ukuthi ngaphambi kwalokho kudlwengulwe isalukazi esineminyaka engu-90.
Bacele ukuthi balethelwe isiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana endaweni ukuze uma kwenzeka ubugebengu balolu hlobo basheshe bawathole eduze amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstableThenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseMsinsini aphenya amacala amabili okubulala, nelilodwa lokuzama ukubulala emva kwesigameko sokubulawa kowesilisa (61) nengane (7) kwathi owesifazane (51) walinyazwa kabi.