YIZE abafundi abaningi belindele ukuthi insimbi yokuqala yonyaka ikhale ngoLwesithathu okubuyelwa ngalo ezikoleni, ezinye izikole sezinesonto zivulile.
Esinye salezi zikole Inanda Newtown Comprehensive High, evule ngoLwesibili olwedlule. Lesi sikole sisematheni kulezi zinsuku njengoba uBayanda Mahlaba (17) obefunda khona u-matric, ehlonishwe kuzwelonke ngokuba ngomunye wabafundi abaphase ngamalengiso.
Uthishanhloko, uMnuz Cedrick Khumalo, okusaqhilika izihlathi ngenxa yokuvelela komfundi wakhe, uthe kuwumkhuba wabo ukusheshe bavule minyaka yonke. Uthe banqume ukuthi kufundiswe * -matric owenza iLife Orientation (LO), ukuze basheshe baphothule ukufunda konyaka.
“Ngaphambi kokuthi kuvalwe izikole, abafundi bakaGrade 11 bafunde amasonto amabili. Bekufunda labo abenza iMaths, Accounting ne-Economics. Senzela ukuthi uma befika ku-matric nonyaka babe sebecijekile,” echaza.
Mayelana nokufundwa kweLO, uthe yingoba basheshe bayibhale ka-matric. Uthe benzela ukuthi isheshe ifundwe iqedwe bese kufundwa ezinye izifundo ngesikhathi se-LO.
UMnuz Freedom Ntuli, ofundisa lesi sifundo, uthe uphinde afundise umculo athe udinga isikhathi esiningi.
“Isizini yomculo iyashesha ukuqala ngoFebhuwari. Ngibone ukuthi angisheshe ngifundise i-LO ukuze ngingaphazamiseki uma sekuqale isizini yomculo. Kunekhwaya yesikole engenela imincintiswano, okwenza ngibe matasatasa kakhulu,” kusho yena.
Uthe baqale ukufunda ngoLwesibili olwedlule kanti bayabuyela nanamuhla.
Lesi sikole sinyuse imiphumela ngo-2019 njengoba * -matric wakhona uthole * -98.8% usuka ku-95% ngo-2018. Kuchwazwe ikilasi abafundi abebefunda bebona uBayanda, obezolungisa okuthize esikoleni. Lo mfundi usephenduke isilomo njengoba noNtuli ephonsele abafundi bakhe yokuthi benze njengaye.
Esinye isikole esisheshe savula yiJ. G Zuma High kwaBester eNanda. Lesi sikole sidume ngemiphumela emihle nangokuvelela emculweni wamakhwaya. Uthishanhloko uMnuz Thembokuhle Mthembu, utshele Isolezwe ukuthi abafundi baka-matric bavule ngoMsombuluko odlule kanti bazoqhubeka nakuleli sonto.
Kusheshe kwavulwa naseNew River Combined eMzinyathi, abafundi bakhona abavule ngoMsombuluko odlule.