UMPHAKATHI waseBhambayi, eNanda, uthi liphume nobomvu ngemva kokubulawa ngesihluku kwabahlanu okwenzeke.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi bonke ababulewe, kuthiwa balandwe emakubo bayiswa enkundleni yezemidlalo yaseBhambayi, okuyilapho abafike bebulawa khona ngesihluku.
Kuvela ukuthi babulawe ngokugencwa beshaywa nangezinduku.
Isolezwe Ngempelasonto lihambele endaweni yesigameko enkundleni yezemidlalo yaseBhambayi lapho izidumbu zalaba ebezidindilize khona.
Umphakathi ubumi izixongololo ikhulunyelwa phansi eyokuhlupha kwababulewe. Abanye bebesho kugcwale umlomo ukuthi sekuzoke kushaye umoya.
Okuqaphelekile ukuthi umphakathi ujabule ngokubulawa kwalaba ngoba ukholwa ukuthi usuzoke uphumule.
Elinye ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe Ngempelasonto lacela ukungadalulwa, liveze ukuthi ababulewe bebewuhlalise lubhojozi umphakathi.
"Laba bafana kuningi kakhulu okubi abebekwenza. Bebedlwengula abantu, begqekeza ezindlini. Siphumule impela nje,'' usho kanje.
Elinye ilungu lomphakathi lithe kuhle ukuthi laba babulewe kodwa lase likhala ngokuthi izinkinga ezigubazele umphakathi zisazoqhubeka ngoba bakhona abanye abasondelene nababulewe abasadla anhlamvana.
"Angazi ukuthi besingenza kanjani ukuthi kukhulunywe indaba yokuthi bonke balele lapha namhlanje,'' lisho kanjena.
UMnuz Mbongeni Phewa oyiphini kwiCPF, uthe umphakathi ufinyelele kulesi sinqumo ngemuva kokuba uzame kaningi ukubikela amaphoyisa ngokuhlaliswa lubhojozi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
"Umphakathi ugcine sewukhetha ukuthi uzibambele umthetho ngezandla ngenxa yokuthi kubi abafana basihlalise lubhojozi,'' echaza.
Ngesikhathi lifika Isolezwe Ngempelasonto lifice abanye abayizihlobo zababulewe behlezi kude buduze nezidumbu.
UNkk Khuliswa Maduna, ongunina kamufi u-Ayabongwa Maduna (19), ubehlezi phansi echiphiza izinyembezi. Uthe namanje akuvumi ukuthi akholwe ukuthi ingane yakhe ibulawe ngesihluku esinjena.
Uveze ukuthi kufike abantu abevile ku-50 bezofuna indodana yakhe ngodli.
"Ngesikhathi befika bathe kukhona isibhamu esikuyena abasifunayo. Babe sebemthatha bahamba naye. Ngemuva kwesikhashana ngibe sengithola umyalezo wokuthi usebulewe umtanami,'' usho ebheka phansi zizehlela nje izinyembezi kuyena.
Uveze ukuthi umtanakhe ubengenanxa namuntu njengoba ethe kukhona lapho ebetohoza khona.
"Mina engikwaziyo ukuthi umtanani ubezithandela ugwayi nensangu nje kuphela,'' usho kanjena.
Iphephandaba liphinde lakhuluma noNksz Snenhlanhla Ngubane, ongudadewabo kamufi uMnuz Nhlakanipho Ngubane (27).
Uthe iyabhibha inhliziyo yakhe ngokubulawa ngesihluku kukamfowabo. Wathi uyazibuza uyaziphendula ukuthi kungani umfowabo ebulewe ngesihluku kanjena?
Uveze ukuthi umfowabo uhlaselwe ngabesilisa abebeyiqulu kanti iningi labo belifake amaphinifa.
"Ngesikhathi lifika (iqulu) umfowethu ubekade ezihlalele nentombi yakhe,'' usho kanjena.
Ukhale kakhulu ngokuthi isimo siyabahlukumeza kakhulu futhi kusenzima nokuthi basamukele.
Agcine engazange atholakale amanye amagama abathathu ababulewe kulesi sigameko,
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo ukuthi inkundla yaseBhambayi, seyiphenduke isilaha lapho okuhlinzwa khona abantu abasuke besolwa ngokuhlalisa lubhojozi umphakathi.
"Seziningi izidumbu zabantu ezitholakela kule nkundla,'' kuqinisekisa elinye ilungu lomphakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe sekuboshwe abasolwa abangu-12 ngokubulawa kwalaba bantu.
“Kukholakala ukuthi abasolwa bayingxenye yabantu abaqapha ubugebengu emphakathini. Njengamanje amaphoyisa asaqinisekisa imininingwane yabasolwa okuzothi ngemuva kwalokho, bavele enkantolo,” kusho uColonel Robert Netshiunda.
UCol Netshiunda uthi kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abantu ngokuhamba kwesikhathi.