UMPHAKATHI waseNtandabantu, eMtubatuba, ufuna abazeMvelo KZN Wildlife baqashe abantu abazohlola ucingo lwesiqiwi Imfolozi Park nsukuzonke njengoba behlushwa yizindlovu okuthiwa zeqa masonto onke.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele eNtandabantu ngoLwesihlanu lithole ukuthi ezinye izingxenye zocingo zitshekile kuyabonakala ukuthi izilwane ziphuma kulo.
NgokukaMnuz Velemseni Mcambi kunezindlovu ezijwayele ukuphuma esiqiwini ziyodla izihlahla ngaphandle.
“Asazi noma yindlovu eyodwa noma ziyashintshana ngokuphuma kodwa sizithola sezidla nezinkomo kwesinye isikhathi zilimaze imfuyo yethu. NgoLwesine nje enye indlovu idilize umuzi owakhiwayo. Okusiphatha kabi wukuthi abezemvelo bayadembesela ukulungisa ucingo kuze kulimale imfuyo yethu,” kusho yena.
UNksz Bonisiwe Mchunu ucele abezeMvelo ukuthi bafake ucingo olushokhayo ngoba ngesikhathi ucingo lusenogesi izindlovu zazingavamisile ukuphuma kwazise kwakuthi uma zisondela ugesi uzishokhe zibuyele ngaphakathi esiqiwini.
UMnuz Mvumiseni Ngema, okhale ngokuthi izimbuzi zingena ngaphakathi esiqiwini ngenxa yocingo olungekho esimeni, uthe abasazi ukuthi bazokhala kubani ngoba kudala beyibika le ndaba kodwa inganakwa.
“Akusikhona ukuthi sithanda ukubukwa noma udumo uma sibikela Isolezwe ngamabhubesi aphumayo. Izimbuzi zethu kuyimanje uyazibona ukuthi zingene ngaphakathi esiqiwini ngoba ucingo lunezikhala okwenza kube lula ukuthi izilwane zasendle ziphume nezimbuzi zethu zingene ngaphakathi. Izingane zethu, nathi uqobo, asikwazi ukungena esiqiwini ukuze silande imfuyo yethu ngoba sisengcupheni yokudutshulwa kuthiwe sizobulala obhejane. Kungakuhle uma kulungiswa ucingo lube sesimeni esifanele kube nabantu abaluqaphayo ucingo ukuze uma lonakele kusheshe kusukunywe.”
UMnuz Sakhiseni Msimanga uthe ngesikhathi besengamabhungu kwakunabantu ababeqapha ucingo lwasesiqiwini zonke izinsuku kodwa manje abazi sebashonaphi labo bantu.
UMnuz Musa Mntambo, obhekele ezokuxhumana kwezeMvelo KZN Wildlife, uthe akusilo iqiniso ukuthi ucingo abalunakile wacela umphakathi ukuthi ubazise uma kunesilwane eseqile ngoba basukumela phezulu bathathe isilwane sasendle bese bevala nocingo.
UNkk Nomusa Dube-Ncube onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uthe uzozisukumela izikhalo zomphakathi axoxe nabezemvelo ukuze bathuthukise ubudlelwano phakathi kwabo nemiphakathi eyakhele iziqiwi.