UHLALELE ovalweni umphakathi waseMlalazi, eShowe, ngenxa yesilwane sasendle esibukeka njengenja okuthiwa sidla imfuyo nabantu futhi sisanda kuhlasela umlisa okuthiwa usegunjini labagula kakhulu esibhedlela.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi uMnuz Siphamandla Nene, ubefika ekhaya kubo ngesikhathi eqaphela ukuthi kunesilwane esibukeka njengenja, esihubha izinkukhu.
Kuthiwa ulande umkhonto ethi ufuna ukusigwaza kwabe uzithintele, samhlasela samdikadika waze waquleka simluma kabi. Kuthiwa emuva kwalokho isilwane sishaye sachitha, wasala edindileze kanjalo umgilwa.
Leli phephandaba lithole ukuthi isilwane besimluma kwesingenhla uNene futhi ulimele nasonyameni, isimo sibi impela. Isakhamuzi esithe asithandisisi ukuthi igama laso livele ephephandabeni, sithe amadoda endawo ayayidingida le ndaba yesilwane.
Kuhlukene imibono ngoba kukhona abasola ukuthi yikhanka kanti kubuye kusolwe ukuthi wujakalasi lo ocanasayo, usuke ufuna okudliwayo. Umthombo olwazi kahle udaba uthe ngesikhathi kusabatshazwa ukulimala kukaNene, kuzwakale ukuthi isilwane sesikhonjwa kwenye indawo lapho besihubha abantu nezinkukhu. Kuthiwa konakala uma umuntu ezama ukusiphazamisa isilwane uma sidla izinkukhu, sivele sivuke indlobane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ake abikelwa ngalokhu.
“Siwutholile umbiko ngokuthi kukhona umuntu olimele kodwa imininingwane ephelele ingatholakala kwabeZemvelo KZN Wildlife,’’ kusho uLt Colonel Gwala.
Okhulumela Ezemvelo KZN Wildlife, uMnuz Musa Mntambo, uthe bayalusebenza udaba futhi kunethimba elijutshiwe ukuyothunga isilwane.
“Abasebenzi bethu baphume umkhankaso endaweni bahamba ubusuku, nemini ngethemba lokuthi bazohlangana nalesi silwane. Sithole ukuthi sihlasele izinja zabantu ezintathu, imbuzi eyodwa ifile kanti kunezinye izinja ezimbili ezifile. Siyazi ngomuntu olimele osesibhedlela. Ithimba lethu lihambisane namaphoyisa beyobheka laphinda lahlangana nomphakathi ophume inqina nawo,’’ kusho uMntambo.