BAPHELEZELWE ngenhlamba bakhacwa sebephuma eNkantolo eNkulu yaseThekwini abasifazane ababili abagwetshwe odilikajele ngecala lokubulala ngesihluku umama nengane.
USlindile Pamela Zamisa (44) ugwetshwe odilikajele ababili ngamacala okubulala uNkk Simangele Simamane noSibongakonke Mthembu (12).
Obengummangalelwa wesibili, u-Andile Zamisa oyindodakazi kaSlindile, ugwetshwe udikikajele ngokubulala uSibongakonke.
Laba ababili baphinde bagwetshwa iminyaka elishumi umuntu emunye ngamacala okuthumba ababulawa neyisithupha umuntu emunye ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Baphuciwe nelungelo lokuthi babe nesibhamu esisemthethweni.
IJaji Sibisi lisichithile isicelo esifakwe yilaba ababili emuva kokubagweba abebefuna ukuthi kubuyekezwe ukulahlwa kwabo ngamacala nesigwebo abathe inkantolo isiqinise kakhulu isandla.
Kuchwaze inkantolo ebigcwele phama futhi kwagiywa sekuqediwe ukugwetshwa kwalaba ababili abachashwe ngenhlamba.
USlindile uncimfile, waveza umunwe ophakathi nendawo ewubhekise kwabebekade bemthuka.
UNkk Simamane noSibongakonke babulawelwa emzini wakwaZamisa kwamakhelwano wabo eNewlands West, eThekwini. Izidumbu zabo zafakwa epotimendeni elikhulu zathuthwa zayolahlwa KwaDabeka, eClermont ngo-Okthoba 2020.