IJAJI leNkantolo eNkulu yaseThekwini likhale ngokwanda kwezigameko zodlame olubhekiswe kubantu besifazane nasezinganeni elibachaze njengabantu abangakwazi ukuzivikela.
IJaji Sibisi likusho lokhu ngesikhathi lichitha isicelo sokuthi kubuyekezwe ukulahla ngamacala nokugwetshwa odilikajele umama nendodakazi abebehamba icala lokubulala umama nendodakazi.
Ligwebe uSlindile Pamela Zamisa (44) odilikajele ababili neminyaka engu-16 ngamacala okuphazamisa ukusebenzaa komthetho, awokuthumba nokubulala uNkk Simangele Simamane noSibongakonke Mthembu (12).
Liphinde lagweba udilikajele ingane kaSlindile, okungu-Andile Zamisa (24), ngecala lokubulala uNkk Simamane. Limbhansele ngeminye engu-16 ngamacala amabili okuthumba nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
USibisi uphuce uSlindile no-Andile ilungelo lokuba nesibhamu esisemthethweni.
Uphinde wachitha isicelo esifakwe yilaba bobabili sokubuyekeza isigwebo nokulahlwa amacala.
“Yaba nonya nesihluku indlela eyayihleliwe kuthunjwa ababulawa, beshaywa beze beshona. ENingizimu Afrika kuyanda ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane okungabantu abangakwazi ukuzivikela. UMthethosisekelo wezwe uyakunqanda ukuhlukunyezwa kwabantu abangakwazi ukuzivikela,” kusho uSibisi.
Ijaji lithe izigwebo elizikhiphile zizothumela umyalezo oshubile emphakahini futhi zinqande nalabo abebekade besahlela izenzo zokuhlukumeza.
Lithe oZamisa babenesikhathi esiningi sokuthi babone ukuthi ababekwenza kwakumele baziqhelise nako.
UNkk Simamane noSibongakonke bathunjwa emzini wakaZamisa oseNewlands West, eThekwini ngo-Okthoba 5, 2020. Babesolwa ngokubulala bephekwa nangemibuzo okwaphetha ngokuthi bathelekelwe ngenduku baze bashona.
Izidumbu zabo zagxishwa epotimendeni elikhulu, zathuthwa zayolahlwa KwaDabeka, eClermont.