KUBANJWE inkunzi isitolo sabokufika kwashaqwa impahla eTshelimnyama, eMariannhill, ngoLwesithathu ebusuku.
Emuva kokuvela kwezindaba zokuthi osomabhizinisi bokufika abahweba eThekwini banetwetwe lokuhlaselwa ngenxa yezigameko zokuhlaselwa kwabokufika ezibonakale eGoli, zimbili izigameko esezibikiwe eTshelimnyanga.
Kuthiwa iqulu labantu abalinganiselwa ku-50 liqale ukuhlangana ngezikhathi zantambama lahlasela ikhonteyna okudayiselwa kuyo ukudla lashaqa ukudla ngaphambi kokuba liphikelele esitolo esibude buduze nayo nakhona lafika lenza okufanayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa athole imibiko yokubanjwa inkunzi komnikazi wesitolo.
“Amaphoyisa aseMariannhill aphenya icala lokubamba inkunzi elenzeke esitolo eTshelimnyama. Kuthiwa abasolwa bagasele esitolo bashaqa ukudla bashaya bachitha,” kusho uColonel Mbele.
Amaphoyisa awakuqinisekisanga noma lokhu kubanjwa kwenkunzi ukuthi kuhlobene nodlame olubhekiswe kubantu bokufika ngenxa yokuthi kusaphenywa kodwa Isolezwe lithole ukuthi sekutshalwe amaphoyisa ukuthi aqaphe isimo njalo ngezikhathi zantambama ukuqinisekisa ukuphepha kwamabhizinisi nokulwa nalesi sihlava.
Ngesikhathi sokushicilela amaphoyisa aveze ukuthi azikho ezinye izigameko ezisabikiwe zalolu hlobo kwezinye izindawo ezakhele iTheku.