UFUNA kusondele uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi nezakhe umphakathi wasoSizweni, eNewcastle, kuqala phansi amaqembu emigulukudu ahlalisa abantu lubhojozi.
Lokhu kulandela ukubulawa kwabantu abayisihlanu ezehlakalweni ezehlukene, okuthiwa babulawe ngezindlela ezehlukene. Kusolwa ukuthi babulawe amaqembu emigulukudu.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa, liveze ukuthi amaqembu emigulukudu ahlalisa lubhojozi umphakathi anamalungu ayizingane ezincane.
Lithe amalungu alama qembu aneminyaka ephakathi kuka-15 no-20.
Lithe ababili, babulawe esehlakelweni esisodwa, kwantshontshwa isibhamu soyedwa wabafi, bamdubula ngaso, kwathi umngani wakhe, bamgwaza.
“Omunye owayezama ukulwela umphakathi, bamhlasela kubo, bangena ngewindi, bamgwaza phambi kwabazali bakhe. Omunye bamhlasela ezihambela emgwaqweni, bamgwaza,” kusho umthombo.
Uthe ngenxa yalezi zigameko, abantu abaningi abasahambi bakhululeke, wathi kuba nzima kakhulu uma sekuhwalele.
Uthe okubuhlungu ukuthi akukho okutheni abangakwenza njengoba bebaningi ngendlela yokuthi ababaleki.
Ubalule nokuthi kwathi sekusondela impelasonto yoMkhosi woMhlanga, kwasiza inkampani yonogada yomunye wonomehlo, besho ukuziqeda izintombi nto, befuna ukuzidlwengula.
“Ezinyangeni ezedlule, bangene emtholampilo wendawo, bakhuthuza abahlengikazi neziguli ebusuku. Ngaleso sizathu uke wavalwa eside isikhathi umtholampilo, kuthe noma usuvulwa, satshelwa ukuthi ngeke usavulwa ebusuku, usuzosebenza emini kuphela,” kusho umthombo.
“Uma kungafika uMkhwanazi neNIU, siyakholwa ukuthi kungaba ngcono,” kusho umthombo.
Uthe okunye okubakhathazayo yimithetho yakuleli evuna izingane ezineminyaka engaphansi kuka-18 ezenza ubugebengu.
“Zenza ubugebengu obunzima, zibulala abantu. Ziboshwe, zibuye zidedelwe ngoba kuthiwa zincane,” kusho umthombo.
Ngo-2021, le ndawo ike yahlaselwa elinye iqembu lemigulukudu elalaziwa ngokuthi ‘ama-last warnings’.
Kuthiwa laze lanqotshwa ukungenela kukangqongqoshe wamaphoyisa ophumile nosomatekisi bendawo okuthiwa bazivikela ngokwabo kulona.
Ikhansela lendawo, uMnuz Vusumuzi Sibeko ukuqinisekisile ukuthi umphakathi awuhlalisekile kahle ngenxa yamaqembu emigulukudu.
Uthe kahle hle ziyisithupha izidumbu zababulewe imigulukudu, athe iyazicanasela emphakathini.
"Lezi zingane zincane kodwa zibulala ngempela. Abanye babo basafunda, abanye basiyeka isikole. Uma beqhamuka kuyacaca ngoba bahloma ngemimese, izizenze, obhushu futhi bahamba beyiqembu mhlawumbe babe ngu-30 bagcwale umgwaqo," kusho uSibeko.
Uthe bahlasela emini ilanga libalele, wathi bagqihe nangamabhande athile.
"Okusiphatha kabi ukuthi kukhona abazali abasenkingeni yokuzisaba lezi zingane, ngesikhathi abanye beziphikela," usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda, uthe uKhomishana wamaPhoyisa ubuqaphile bonke ubugebengu kulesi sifundazwe, kodwa uma umphakathi unomuzwa wokuthi udinga usizo oluthe xaxa, kufanele ukuveze lokho kumphathi siteshi wendawo.
"Uma behluleka, badlulele esifundeni, nakhona uma bengasizakali, bese beza kukhomishana wesifundazwe," kusho uNetshiunda.