UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ufuna ukuthi ababulale abesifazane bathole isigwebo esinzima sokudilikelwa yijele.
URamaphosa ukhale ngesihlava esiphezulu sokuhlukunyezwa kwabesifazane kanjalo namantombazane kuleli.
Njengoba izolo bekugujwa uSuku lwaBesifazane kuleli, isihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane lugqanyiswe kakhulu njengoba kuyibona abahlukunyezwa kakhulu.
“Sisayine imithetho ezokwenza ukuthi labo abahlukumeza abesifazane bangaphunyuki engalweni yomthetho. Sifuna ukufika ezingeni lokuthi ungayitholi ibheyili uma uke wahlukumeza owesifazane. Sifuna ukuthi uthole udilikajele uma uke wabulala owesifazane,” kusho uRamaphosa emgubheni obusezindlini zoMbuso ePitoli.
Uthe akekho owesilisa okumele acabange ukuthi nguyena ophethe owesifazane.
URamaphosa uthe zikhona izinhlelo kanjalo nezikhungo uhulumeni azisungulile ukusiza abesifazane abahlukunyezwayo.
Uveze ukuthi kumele kube nokulingana ekukhokhelweni kwabesifazane abenza imisebenzi efanayo nabesilisa.
Ubalule nokuthi abesifazane benza kahle kakhulu kwezemidlalo wathi kumele bathole imali elingana neyabesilisa.
“IBanyana Banyana yenza kahle kakhulu kuneBafana Bafana. Kumele bathole imali elinganayo ngoba kahle kahle abesifazane yibona abenza kahle kakhulu kwezemidlalo,” kusho uRamaphosa.
Ubuye wakhala ngamantombazane alaxaza isikole engaqedanga.
“Abazali kumele basisize baqikelele ukuthi izingane zamantombazane azishiyi phakathi isikole. Kumele agqugquzelwe ukuthi afunde. Uma ubheka imiphumela ka-matric, amantombazane enza kahle kakhulu kunabafana, ngakho kudingeka abe sesikoleni.”
Uthe bekumele lo mgubho wabesifazane ube seKhayelitsha eKapa kodwa ngenxa yesiteleka sabamatekisi, kwadingeka ukuthi uthuthelwe ePitoli.
Emgubheni obuseMooiriver obuhlelwe uMasipala iMpofana, owayeyisekela mengameli kuleli, oke waba yisikhulu ophikweni lweNhlangano yeZizwe olubhekele abesifazane i-UN Women, uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, ukhuze isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
"Sicela ukuvikelwa singabantu besifazane eNingizimu Afrika, hhayi namhlanje kuphela kodwa zonke izinsuku. Ukubeka umuntu wesifazane isandla nokumnukubeza ngokocansi yicala, siyakukhuza," kusho uMlambo-Ngcuka
UNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu, obeyisihambeli uthe njengendlunkulu benza izinhlelo eziningi ukunqanda lesi sihlava.
IMeya kaMasipala iMpofana, uNkk Maureen Magubane, uthe abantu besifazane kumele bahlale bevikelwe ngasosonke isikhathi hhayi ngo-Agasti kuphela.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ebekhuluma emcibini wokugubha lolusu kwesifundazwe obuKwaMashu, uthe uHulumeni waKwaZulu-Natal uhambe, cishe zonke izibhedlela zakulesi sifundazwe zinesikhungo esinakekela abesifazane abahlukunyeziwe. Ngaphezu kwalokhu uhulumeni useqalile ukwakha izikhungo abesifazane abahlukumezekile abangahlala kuzo kuze kuphele izinyanga eziyisithupha ezibizwa ngo-white doors.
“Kulezi zikhungo sifuna ukuthi abesifazane bangahlali nje kodwa bathole ukuqeqeshelwa amakhono abazokwazi ukuphuma kulesi sikhungo bakwazi ukuziphilisa ngawo,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uqhube wathi uhulumeni wesifundazwe uyazama ukulandela umgomo owabekwa nguMengameli wokuthi u-40% wezimphahla ezithengwa uhulumeni uzithenge ezinkampanini zabesifazane.
Uthe njengoba isifundazwe singene ohlelweni lokuthi iningi labantu lisebenzise i-internet, kunamathuba avulelwe abantu besifazane abakuwo wonke amazinga ngisho nabogogo ukuthi bakwazi ukudayisa ama-airtime, bavule amabhizinisi okusiza abantu bakwazi ukungena kwi-internet.
Uthe yena uyisibonelo sokuthi umuntu wesifazane noma ekhulele kuphi uyakwazi ukukhula aze afinyelele esikhundleni sokuhola.
“Ngaba yimeya yokuqala eyayiphethe ingxenye eseNyakatho kuMasipala waseThekwini iNorth Local Council, ngongowesifazane wokuqala ophethe isikhundla sokuba nguNdunankulu kulesi sifundazwe. Ngikhulele khona lapha KwaMashu futhi ngafunda khona. Ngalokho ngithuthaza intsha ukuthi izimisele,” kusho uNkk Dube-Ncube.