ININGIZIMU Afrika njengoba inezilimi eziwu-11 nolwabakhuluma ngezandla ngaphezulu kodwa kuyiqiniso ukuthi kunezinhlanga eziningi kunezinye, okwenza kuvelele izilimi ezithile. Lokhu akwenzeki nje emphakathini kuphela kodwa nasemculweni, kwithelevishini, emadolobheni kanjalo nasemphakathini eyahlukene.
Intsha yohlanga lwamaNdebele seyiqale umkhankaso ezinkundleni zokuxhumana, inxenxa iziteshi zethelevishini ikakhulu i-SABC ukuthi yandise izinhlelo zolimi lwesiNdebele.
Lo mkhankaso ohamba ne-hashtag ethi Vuka Ndebele sewudonse amehlo abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngaphansi kwekhasi likaThando Mahlangu kwiFacebook. Iningi labantu lishayele ihlombe le ntsha ngokuphumela obala izwakalisa isikhalo enaso ngolimi lwayo.
Yize umkhankaso udla lubi kodwa ngaphandle nje kwezinhlelo zethelevishini i-SABC inemisakazo esakaza ngazo zonke izilimi zakuleli, okubalwa nesisakaza ngolimi lwesiNdebele.
"Ngelinye ilanga isikhalo sethu sizozwakala. Phambili ngesiNdebele," kusho uJerry Mabena.
"Angiyena umNdebele kodwa ngiyavumelana nale nto. Kumele sikhulunywe kwithelevishini," kusho uSamukeliso H Sossa.
"Qhubeka nomsebenzi omuhle," kuncoma uNzamawami Ps.
Lolu limi aluqhelile kakhulu kolwesiZulu, okwenza abanye abantu bashaye amakhala ngemibhalo ebinamagama afana nse ngokolimi nomqondo wawo.
"Ngichazwa wukuthi nibhala ngesiZulu," kusho uSnethemba Nokwanda Mchunu.
"Kusizani uyobezwa sebekhuluma isiZulu," kusho uNdumi Skosana.