UMHOLI osabambile we-International Pentecost Holiness Church (IPHC) ufuna lulalelwe ngokushesha udaba lombango wobuholi baleli bandla emuva
kokufa kwamalungu amahlanu adutshulwe elinye iqembu laleli bandla ngoMgqibelo.
UComforter Leonard Modise ohola olunye uhlangothi lwaleli bandla oluzinze ekomkhulu eliseSilo eZuurberkom, eGauteng, utshele izintatheli ukuthi izinkantolo kufanele zilulalele ngokushesha udaba lombango ukuze kume ukuchitheka kwegazi.
“Siyabonga ukuthi
kufike izintatheli, sicela abomthetho basilekelele ngoba uma singasizwa yibona akekho ozosilekelela. Sicela inkantolo ilulalele ngokushesha lolu daba
ngoba siyibandla elibalulekile asihambisani nokuchitheka kwegazi,” kusho uModise.
USihlalo webandla uMnuz Abie Modise uthe ngoMgqibelo kungene amadoda abehlome ephelele ahlasela ebandleni kwafa abantu abahlanu kwalimala kabi oyedwa.
“Abantu abahlasele lapha ngabohlangothi lukaMichael Mandlana, abaqali ukuhlasela amalungu ebandla ngoba naseCape Town bake balimaza abantu. Umbango wokuhola ibandla uqale ngo-2016 emuva kokushona komholi webandla uComforter Glayton Modise. Inkantolo yaqoka ubuholi besikhashana yacela ukuthi abanezinkinga babikele ijaji. Siyaphoxeka uma sebehlasela kanjena,” kusho uModise.
Ucele amaphoyisa ukuthi aqhubeke nokugada ibandla ngoba kade babebika izigameko zokuhlaselwa kodwa benganakwa.
“Izinhlaka zokuphepha zisebenze kahle izolo (ngoMgqibelo) kodwa ngebhadi kukhona abashonile. Siyacela lolu daba lusukunyelwe njengoba uKhomishana uKhehla Sitole eyalele amaphoyisa ukuthi alusukumele.
Kudala sasibika kodwa singanakwa. Siyafisa nenkantolo isheshe ukuluxazulula,” kusho uModise.
Ebuzwa ukuthi ngabe bake bakhuluma yini noMandlana ukuze kulungiswe lolu daba, uModise uthe abakwazi ukukhuluma naye ngoba uwumuntu ovele abe nodlame uma bezama ukuxoxa naye.
Amaphoyisa athe kuboshwe abantu abangaphezu kuka-40 okukhona kubo iphoyisa likahulumeni, elikamasipala nesosha.
Kushaqwe nenqwaba yezibhamu nezinto zokugqekeza.