UMNDENI wakwaGcaba wosomabhizinisi bezokuthutha odumile ikakhulukazi KwaZulu-Natal, uthi uthembe ingalo yomthetho ukuthi ibambe izigilamkhuba ezidubule zabulala ilungu lawo. UMnuz Langa “Mantunta” Gcaba (43), udutshulwe wabulawa ngoMsombuluko, eQuarry Heights, eThekwini.
Kuthiwa uthelekelwe abantu abangaziwa bamdubula bashaya bachitha emuva kwalokho. Akawaziwa ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nani ngoba kuthiwa uhlaselwe engazelele lutho.
Ilungu lomndeni elixoxe neSolezwe, uMnuz Sthe Gcaba, uthe umfowabo ubengeyena umnikazi wamatekisi kodwa ubengumshayeli odumile. Uthe ubeneminyaka ecela kwengu-25 eshayela futhi ubenza umsebenzi ngokukhulu ukuzimisela nokuthembeka. Uthe bazomkhumbula kakhulu ngeqhaza lakhe nanjengelungu lomndeni.
Uthe umfowabo ushayele kakhulu amabanga amade esebenzela erenki yaseDurban Station isikhathi eside. Uthe abazi kahle ngokubulawa kwakhe kodwa bayethemba amaphoyisa azobalekelela ukuthola ingonyuluka yonke.
“Cha, asazi kahle kodwa konke sikushiyele ezandleni zamaphoyisa ukuthi asisize kwenzeke ubulungiswa. Silahlekelwe kakhulu ngoba ubewumuntu ozithobile kakhulu futhi ubengesona isixhwanguxhwangu, siyamangala nje ukuthi ubulaweleni,’’ kusho uGcaba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseGreenwood Park aphenya icala lokubulala.
“Amaphoyisa asebenza udaba lwecala lokubulala emuva kokuthi owesilisa oneminyaka engu-43 ubudala, edutshulwe ngabantu abangaziwa eQuarry Heights. Uphuthunyiswe emtholampilo kodwa kwatholakala ukuthi useshonile,’’ kusho uConst Ngcobo.