BAVAKASHELE isikhungo okufundela kusona u-matric ngaphansi kwesifunda uMlaza, uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer nenhloko yomnyango, uMnuz Nathi Ngcobo.
Inhloso bekungukuyogqugquzela laba bafundi abayibambe kuze kube impelasonto befunda.
Kulesi sikhungo esiseGlenwood Boys High, sihlanganisa abafundi bezikole ezehlukene. Abafundi bacijwa ngezindlela ezehlukene zokuphendula imibuzo enzima, ukubheka isikhathi abanikwe sona sokuphendula nokuthi bafundisise imibuzo ngaphambi kokuphedula.
UNkk Frazer noNgcobo banxuse abafundi ukuthi balandele uhlelo lokufunda olubekiwe.
“Ngigqugquzelekile ngokuthi nihlangene lapha niyafunda. Nizophuma ngoMgqibelo, senizilungiselele ukuyobhekana nezivivinyo. Yithuba lokugcina leli umnyango oninike lona ukuthi nibuze eningakuqondi ukuze nikuqonde kahle.”
Unxuse abafundi ukuthi noma sebesemakhaya, baqhubeke basizane.
“Ungasabi ukubuza umngani wakho ukuthi uyasiqonda isihloko esithile uma unenkinga. Lokho kuzosiza kakhulu ekutheni ukwazi ukuqonda lapho usele khona.”
Uthe njengoba behlangene ngeke banikwe umsebenzi othe xaxa kodwa bazobe becijwa lapho bengaqondi khona.
“Anizofunda konke, nizocijwa lapha nalaphaya lapho ningaqondi khona ukuze nifike ezivivinyweni seninamakhono okuphendula imibuzo.”
Ugqugquzele abafundi ukuthi babuze uma kukhona abangakuqondi bangafeli ngaphakathi kanti into abayiqondi.Bangu-174 413 abazobhala ngokugcwele izivivinyo zikamatric eziqala ekupheleni kwenyanga. Abangu-23 730 babhala ngasese. Zingu-1 711 izikhungo zokubhalela.
Livele ngaphambi kwekomiti lemfundo eyisiSekelo ePhalamende muva nje, iPhini likaNgqongqoshe, uDkt Reginah Mhaule, lakuveza ukuthi konke sekumi ngomumo ngokubhalwa kwalezi zivivinyo.
Wathi kwezinye izikhungo kuzoba nalabo abazoqapha ukuthi kungakotshelwa, abazozinza kuqala izivivinyo zize ziphothulwe.
Wabalula ukuthi lokhu bakwenza ukuze bagweme izehlakalo zokukopela kwabafundi njengoba phambilini kwabanjwa abafundi abakopela.
Lo mnyango unenombolo kaWhatsApp yokubika labo abakopelayo.
Le nombolo ithi: 069 335 2818.
I-KZN izibekele ukuthola ngaphezu kuka-80% ka-matric kulo nyaka.