AYAGELEZA amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwendodakazi kaMntwana uMangosuthu Buthelezi, okuthiwa kwenzeke entathakusa ngoMsombuluko emva kokuxinwa wukugula.
UMntwana uSibuyiselwe Angela Buthelezi (55) onguthunjana kwabo, udlula emhlabeni nje, bekusaphele unyaka kukhothame uyise, odlule ngoSepthemba nyakenye. Ngokwesitatimende esidluliselwe kwabezindaba esibhalwe yiNkosi yesizwe sakwaButhelezi, uMntwana uNtuthokoyesizwe Zuzifa Buthelezi ongumfowabo, kuvela ukuthi bekusaphele isonto engeniswe esibhedlela e-Cape Town emva kokuxinwa ukugula, okumbambe ngesikhathi ehambele ukuhlala kwePhalamende.
“Ezintathakusa zanamhlanje (ngoMsombuluko), siwumndeni sithole izindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kwakhe. Ukudlula emhlabeni komntwana emva konyaka nje kukhotheme ubaba, kusethusile kakhulu. Nakuba impilo yakhe beyintekenteke kule minyaka ngenxa yokugula kodwa lokhu okubuhlungu kangaka kwenzeke ngokushesha singakulindele,” kubhalwe esitatimendeni.
Ubewumntwana omncane kunabo bonke, kubantwana abayisishiyagalombili abazalwa wuMntwana uMangosuthu Buthelezi noNdlunkulu u-Irene Audrey Thandekile Buthelezi. Ushiye indodakazi yakhe ewuzinyobulala uMntwana uNtando Keiruka.
Bekuyihlandla lakhe lesibili njengelungu lePhalamende likazwelonke njengoba ngaphambi kokhetho likazwelonke nezifundazwe ebelikulo nyaka. Usebenze emakomitini amabili, elibhekelele ukusebenza koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu nelibhekelele ukusebenza koMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle.
Udlula emhlabeni nje, emva kokubunjwa kukahulumeni wobumbano, uphinde wafungiswa njengelungu lePhalamende esekomitini elibhekelele ukusebenza koMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu nezokuVakasha. Phambilini, useke wasebenza njengemenenja kuMasipala Ulundi.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe leli qembu lilahlekelwe kakhulu.
“Ubelithanda kakhulu leli qembu nokusebenzela isizwe njengelungu lePhalamende. Sidlulisa amazwi enduduzi emndenini wakwaButhelezi,” usho kanje.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba yiPhalamende likazwelonke, uMntwana uSibuyiselwe uchazwe njengobezinikele emsebenzini wakhe.
“Izwi lakhe lizokhumbuleka njengelinesigqi ekuletheni uguquko oluhlabahlosile, ekhuluma ngezidingo zabantu abasemazingeni aphansi, ikakhulu abevela emphakathini aphuma kuwo, KwaZulu-Natal,” kubhalwe esitatimendeni.
UNdunankulu KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe isifundazwe sonke sigubuzelwe yifu elimnyama ngokudlula kwalo mholi.
“Egameni labantu bakulesi sifundazwe, ngithanda ukudlulisa amazwi endunduzo emndenini nasesizweni sakwaButhelezi. Ukudlula kwakhe emhlabeni kusikhumbuza ukuzinikela komndeni wakwaButhelezi ekulweleni impilo engcono kubantu nenkululeko.”
I-ActionSA KwaZulu-Natal nayo idlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaButhelezi.
I-NFP ithe izomkhumbula njengoba ebewukhuthalele umphakathi abewusebenzela.
I-EFF KwaZulu-Natal nayo ithumele amazwi enduduzo, ifisela umndeni ukuqina kulesi simo obhekene naso.
Kubikwa ukuthi unkonzo yomngcwabo wakhe izokuban ngoMgqibelo ekuseni KwaPhindangene.