BACABANGA ukuthutha endaweni abomndeni wesalukazi nekhehla ababulewe eMsinga ngeledlule ngoba besabela ukuthi abaphephile emuva kwalesi sigameko.
Indodana kaNkk Tutu Mntungwa (76) noMnuz Mbandleni Mntungwa (71), uMnuz Sakhumuzi Mntungwa (38) uthe kungabafaka engozini ukuqhubeka bahlale endaweni eSqhingini (Sjozini) eMsinga emuva kokubulawa kwabazali bakhe.
“Ayikho into esisazoyihlalela lapha ngoba asazi ukuthi ababulali bazobuya yini bezosiqedela. Uma kuqedwa ukungcwaba abazali bami impela ngicabanga ukuhamba kule ndawo,” kusho uMntungwa.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele umndeni ngoLwesihlanu bekugcwele omakhelwane nezihlobo bezobhonga emswaneni.
UNksz Hloniphile Mntungwa (29) uthe:“Uma kuqedwa ukungcwaba kuzomele ngihambe noma ngingazi ukuthi ngizoyaphi. Asiphephile lapha ekhaya njengoba singazi nokuthi kungani bebulewe. Ingane yami eneminyaka eyisithupha ebihlala nomama. Uma ngiyobheka amatoho kuyaphoqa ukuba ngiyihambise kubo,” kusho uNksz Mntungwa ekhala.
Mayelana nezinsolo zokuthi ukubulawa kwabo kuhlobene nombango osendaweni wokwebiwa kwezinkomo, ophakathi kwemindeni emibili ehlobene uthe: “Abazali bami bebeyingxenye yeSikebhe, belwa nokwebiwa kwemfuyo okudla lubi kule ndawo. Lapha ekhaya sinezimbuzi kuphela. Asazi-ke ukuthi udaba lwemfuyo belungaba nesandla yini ekuhlaselweni kwabo,” kusho uMntungwa.
Uthe ngelanga lesigameko, ngoLwesithathu ekuseni ngo-2 abasolwa baqale bangqongqoza endlini yakhe, wathula. “Ngabe sengizwa kuqhuma isibhamu kaningi endlini yabazali. Ngahlala endlini yami ngisaba, ngaze ngaphuma sekukhanya. Ngaya endlini yabazali ngafica bebulewe, kugcwele igazi. Ngabiza omakhelwane,” kusho uMntungwa.
Uthe unina ubejwayele ukulala nabazukulu esipontshini kodwa ngelanga lesigameko abazukulu bacela ukuyolala kwenye indlu. Uyise ubelala embhedeni. Kodwa ngelanga lesigameko uthe watholwa ecashe ngaphansi kombhede, edutshulwe ekhanda.
Bathe isibonelelo sikahulumeni sokuguga sabazali yisona ebesondla abantu abangu-12 kwaMntungwa njengoba abaningi bengasebenzi.
Abazali babo babachaze njengabantu abebengahlukani bethandana kakhulu.
“Noma beya kohola impesheni bebehambisana. Ubaba uma eyoziphuzela ubenza isiqiniseko ukuthi uyashesha ukubuya ngoba ethi usuke akhumbule umama uma engenaye,” kusho uMntungwa.
Omakhelwane bakulo muzi bathi bayasaba nabo ngoba abasolwa bengakaboshwa.
UNkk Madaba Zulu noNkk Nonkosi Ngubane abangabanye abebezoqinisa idolo umndeni bathe bayesaba.
“Asazi noma njengoba kungekho oboshiwe, basazosingenela yini nathi emzini yethu. Siyesaba impela,” kusho omunye wabo.
Amaphoyisa athe awakabophi muntu ngesigameko acela umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi.