ISINQUMO sokubuyiswa kwabasebenzi bakuMasipala iNewcastle abangu-223 ababemiselwe amacala ehlukene athinta umbhikisho ongavikelekile, sephule umasipala ezindlekweni ebezizokhokhwa enkantolo.
Lokhu kushiwo ngamaqembu akulo masipala okuyi-IFP, ATM Patriotic Alliance neNFP.
ngoMsombuluko lo masipala ubunesithangami nabezindaba ukucacisa ngalolu daba.
UNkk Vangile Molefe wePatriotic Alliance, uthe uyahambisana nesinqumo esithathwe wumkhandlu ngoba ukholwa wukuthi laba basebenzi baxoshwa ngenxa yezizathu zepolitiki ngoba abantu abaningi kangaka babengeke bashaye imeya bonke.
"Ngangikhona ngesikhathi laba basebenzi bemasha beya eCouncil Chambers ngo2019. Ngesikhathi bemasha, kunekhansela elabathuka base badinwa kwasuka inxushunxushu eyaholela ekutheni kushayeke nemeya yangaleso sikhathi, uDkt Ntuthuko Mahlaba. Yebo, yashayeka imeya kodwa akusibona bonke abayishaya," uNkk Molefe.
Ngemuva kwalesi sigameko laba basebenzi bamiswa emsebenzini base befaka umkhandlu enkantolo. Kusukela ngaleso sikhathi udaba belulokhu lungena luphuma enkantolo. Ngeledlule bekumele kuqulwe icala, umasipala wathatha isinqumo sokuthi ucele ukuthi lukhulunywe ngaphandle kwenkantolo.
Imeya uMnuz Xolani Dube ithe ukwelulekwa abakuthole kwabazi umthetho bekuthi, uma lubehlula udaba enkantolo - obekunamathuba amaningi ukuthi kwenzeke - bazokhokha imali enguR260 million kuya phezulu baphinde babuyisele laba basebenzi emsebenzini.
"Ukube bekuze kwafinyelela lapho, umasipala ubuzoguqa phansi. Manje laba basebenzi sizobakhokhela uR80 million ongeke ukhokhwe kanye kanye, bese sibabuyisela emsebenzini. Sizophinde sibeluleke ngokuzibandakanya nemibhikisho engavikelekile. Sikholwa wukuthi iseluleko ababesitholile sasingalungile, okwaholela kulesi sigameko," kusho uDube.
Uthe okwamanje akakazi ukuthi yimalini izindleko abazozikhokhela abameli ngoba basalinde ukuthi balethe amaphepha abo ashoyo ukuthi lo msebenzi ubize malini kodwa uyazi ukuthi nyakenye abameli bakhokhelwe uR10 million bemele umkhandlu ezintweni eziningi.
Laba basebenzi bazobuyela emsebenzini ngo-Okthoba 1. UMnuz Erickson Zungu weNFP, uthe nabo bayahambisana nesinqumo somkhandlu ngoba abasebenzi baze balwe nje, babelwela amalungelo abo ngoba babefuna imali yabo yokusebenza isikhathi esengeziwe ababengakhokhelwanga yona.
UMnuz Bongani Thusi we-ATM uthe ukubuyiselwa kwalaba basebenzi kusho ukugwemeka kokulamba kwezingane ezondliwa yilaba basebenzi obekungenzeka zigcine zingena ebugebengwini.