INHLANZI ishelwe amanzi kuboshwa abasolwa ngokuhlalisa lubhojozi umphakathi waKwaMashu bese bebhaca ehostela lakuleya ndawo.
Amaphoyisa abophe abasolwa abathathu ngoMsombuluko, abavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu icala lahlehliswa.
OMnuz Dumisani Mlambo (26), Sifundo Hlophe (24) noMnuz Mlondolozi Malinga (43) babhekene necala lokuzama ukubulala, ukuduna imoto nawokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Isolezwe lithole ukuthi laba baboshwe yithimba lamaphoyisa laKwaMashu elibikelwe ngobugebengu obebukade benzeka emgwaqweni uDumisani Makhaye.
Kuvela ukuthi abasolwa babone amaphoyisa behla emotweni abebehamba ngayo badla phansi.
Amaphoyisa kuthiwa ahubhe ngezinyawo abasolwa, omunye wabo wadubula ebhekise kuwona kodwa wabanjwa.
Kubikwa ukuthi utholwe nesibhamu i-9mm ecishwe izinombolo nezinhlamvu. La maphoyisa kubikwa ukuthi aqhubekile nokuthungatha abasolwa, omunye waboshwa ngasemgwaqweni eSiyanda nesibhamu esingekho emthethweni.
Kuthiwa uphenyo lwamaphoyisa luwaholele emzini oseSiyanda lapho kuboshwe khona umsolwa wesithathu otholakale nemoto iVW Polo emhlophe obekukade kubikwe ukuthi idunwe eNtuzuma ngawo uMsombuluko.
Kulindeleke ukuthi uMlambo abuyele enkantolo ngo-Agasti 29, uMalinga benoHlophe bavele ngosuku olulandelayo.
Kwenzeka lokhu nje abanye ababili abasolwa ngokugcweleza kule ndawo basanda kudutshulwa babulawa. Owokuqala ushone emuva kwesigameko sokudunwa kweloli lezinkukhu elafakwa ehostela kwaphenduka idili likamkhipheni.
Owesibili udutshulwe washona esigcemeni kwa-H ngesonto eledlule. Umphakathi wasehostela KwaMashu ubukade usuhlalele ovalweni ngenxa yaleli qembu eligcwelezayo.
Abantu baphinde banengwa yivideo ebikhombisa laba bantu beqhumisa izibhamu emini kabha ehostela.