Inhlangano ebhekelele amanzi adayiswa esemabhodleleni emhlabeni, i-International Bottled Water Association (IBWA), ithi phansi amaphaphu ngocwaningo oluveze ukuthi amanzi asemabhodleleni anezinhlayiya zeplastiki.
Isitatimende esikhishwe ile nhlangano sithe okwamanje umphakathi awungaqali uthuke ngoba abebenza lolu cwaningo abashongo ukuthi lezi zinhlayiya zeplastiki ziyingozi kangakanani emzimbeni womuntu ophuze lawa manzi.
Lesi sitatimende sithe le nhlangano ibihlaziya lolu cwaningo obelwenziwa ngososayensi beNational Academy of Sciences, okusikhungo sesayensi esihlanganise i-US University of Columbia neRutgers University olushicilelwe ngoMsombuluko.
I-IBWA ithe ngokubona kwayo, zimbili izinto ezingahambanga kahle ngamanzi ahloliwe; okungukungalandelwa kwesilinganiso sezinga elifanele lokuphepha komkhiqizo nomthelela wezempilo, kodwa okwamanje umphakathi akumele wethuke ngoba ososayensi abashongo ukuthi kungenzekani kumuntu ophuze wona.
Kulolu cwaningo, abacwanigi bathole ukuthi ibhodlela elinamanzi ayilitha anezingcezwana zeplastiki ezingabonakali ezilinganiselwa phakathi kuka-110 000 kuya ku-400 000 kuye ngokuthi lawo manzi akhiqizwe ngeyiphi inkampani.
Obehola lolu cwaningo nombhali walo uDkt Phoebe Stapleton, ongungoti ocwaninga ngobuthi eRutgers University, uthe abakwaziyo okwamanje ukuthi lezi zinhlayiya zeplastiki ziyangena kuma-tissues cells omuntu noma isilwane esiphuze amanzi akula mabhodlela.
"Sisenza ucwaningo olubheka ukuthi uma lezi zinhlayiya sezingenile zenzani," kusho yena.
Akukhona okokuqala lezi zikhungo zenza lolu cwaningo, phambilini zalwenza ucwaningo olwaveza ukuthi kunezinhlayiya zeplastiki emanzini asemabhodleleni kodwa ucwaningo lwangaveza ukuthi zingakanani ebhodleleni ngalinye.
UDkt Naixin Qian weColumbia University, ongomunye wabacwaningi, uthe abakutholile ukuthi izinhlayiya zisuke zisebhodleleni uqobo nasesivalweni esisuke senzelwe ukuthi kungangeni ubuthi.
Uthe amanzi ahloliwe akhiqizwa yizinkampani ezintathu zase-US angeke azidalule ngoba abacwaningi basafuna ukuthatha amanye amasampula.
Ngo-2022, iNyuvesi iSefako Makgatho Health Sciences University esePitoli yenza ucwaningo olwaveza ukuthi amanye amanzi adayisa esemabhodleleni ezitolo ezinkulu zasePitoli anezinsalela zensimbi nezinga lePH elitholakala kuwo lingaphezulu kwalelo elivumelekile, i-IBWA eyathi awakulungele ukuphuzwa umphakathi ngoba angadala izinkinga zezinso, amaphaphu nesisu.
Nyakenye, iSouth African National Bottled Water Association ixwayise umphakathi mayelana namanzi athengwa ezitolo abantu abafika nezigubhu bezozigcwalisa ngokuthi angangenwa ngubuthi ngoba izivalo zawo zisuke sezize zavulwa.