INHLANGANO yomphakathi ifuna luye enkantolo idaba lokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, osekuqhubeke isikhathi eside ezweni.
IPeople's Movement for Change (PMC), ithi sekuphele iminyaka engu-15 uhulumeni ethi uyalulungisa udaba lokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kodwa akubonakali ukuthi wenzani ngakho, sekumele umphakathi usukume, umashe, uphinde uyise uhulumeni enkantolo ngoba uyehluleka ukunikeza umphakathi esinye sezidingongqangi.
Kuleli sonto uhlelo lokucishwa kukagesi lufakwe esigabeni sesithupha, isikhungo esilawula ezamandla kuleli, iNational Energy Regulator of South Africa sagunyaza i-Eskom ukuthi yenyuse ugesi ngaphezudlwana kuka-18% ngo-Ephreli.
UMnuz Sammy Classen, okhulumela iPMC, uthe ugesi uyisidingongqangi esidala ukuthi uma singekho kuphazamiseke nezinye izidingo ezifana nokutholakala kwamanzi, ukuphepha, esibeka engcupheni impilo yabaphefumula ngezinsiza ezidinga ugesi.
"Ngaphandle kokuya enkantolo sifuna umphakathi usayine kwi-internet ukuthi usukhathele wukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, kuphinde kube nemibhikisho ezweni lonke ephoqa uhulumeni ukuthi amise ukucishwa kukagesi ngokushesha. Asisafuni kulalela izethembiso manje. Ugesi awubuyele esimeni sawo," kusho uClassen.
UNgqongqoshe wezoLimo nokuThukiswa koMhlaba, uNkk Thoko Didiza, uthe ukucishwa kukagesi kuphazamisa ezolimo, uma kuqhubeka kuzodala inkinga yokushoda kokudla.
"Abanye abalimi basebenzisa ugesi ukuze banisele amasimu abo, noma ukugaya imikhiqizo yokudla bayishintshe ibe ngeminye, i-food processing. Ukucisha kukagesi njalo kuyaphazamisa. NgoLwesihlanu sibe nomhlangano nezinhlaka ezithintekayo, lapho sithathe isinqumo sokuthi kube nethimba elizoqoqa ulwazi ngokuthi le nkinga ibathinta kanjani abalimi, ukuze sizokwazi ukuqhamuka namacebo okuthi yini esingayenza, okungaba wukushintshela ekusebenziseni ugesi welanga," kusho uNkk Didiza.