KUGQUGQUZELWE ababhalisele i-Unemployment Insurance Fund (UIF) ukuba baye emahhovisi omnyango wezabasebenzi ukuze basizakale.
Lokhu kuza emuva kokumiswa kwezinsiza ze-UIF ukuba zitholakale kumakhompyutha (online) nakumaselula njengoba inkantolo inqume ukuthi akumiswe inkampani ebhekelele lezi zinsiza.
UMnyango wezabaSebenzi wathula uhlelo lokuthola izinsiza ze-UIF online nakumaselula ukuze unciphise olayini abade emahhovisi awo.
Abantu abafaka izicelo ze-UIF yilabo abasuke bephelelwe wumsebenzi, abakhulelwe nabanye abasuke begunyazwa wumthetho ngenxa yezimo ababhekene nazo.
UNgqongqoshe wezemiSebenzi, uNkk Nomakhosazana Meth, uthe njengoba inkantolo imise le nkampani kusho ukuthi okwamanje izinsiza ze-UIF ngeke zithokakale online, ngeke zenzeke nakumaselula.
“Sicela abantu baye emahhovisi oMnyango wezemiSebenzi ukuze bathole izinsiza ze-UIF. Sizolula nesikhathi sokusebenza ukuqinisekisa ukuthi abantu bayasizakala. Siyazi vele ukuthi ukungatholakali kwezinsiza online kuzoholela ekutheni kugcwale abantu emahhovisi,” kusho uNkk Meth.
Uxolisile kubantu ngokuphazamiseka okudalwa wukungatholakali kwezinsiza ze-UIF online, esho ukuthi bekufanele balandele isinqumo senkantolo.
Uthembise ukuthi uzosebenzisana nezinhlaka ezifanele ukuze enze isiqiniseko sokuthi isimo esinjengalesi asiphindi sibe khona.
“Sicela abantu basibekezelele ngesikhathi sisalungisa lolu daba lokutholakala kwezinsiza ze-UIF online. Sizobazisa abantu ukuthi kwenzekani ngesikhathi esifanele, uma sezibuya izinsiza. Siyaxolisa ngokuphazamiseka okube khona,” kusho uNkk Meth.