YIZE obeyisikhulu soMnyango wezoLimo eCedara ehambe emhlabeni engakutholanga ukuhlonishwa ngeziqu zobudokotela kodwa imibhalo yakhe inothise imisebenzi eminingi yezobuciko.
UMnuz Phumekhaya “Volovolo” Memela (54), owazakhela udumo ngengosi ayeyiloba kwiSolezwe, Ngeso LikaVolovolo, ushone emuva kokugula isikhashana.
Izindaba, zokudlula kwalesi silomo, zidalulwe wumshana waso, uMnuz Sbusiso Dlamini.
Ngokusho kukaDlamini, umufi (54) ushonele esibhedlela saseThekwini, iNetcare Umhlanga ngoLwesibili, ngezithuba zabo-3 ntambama.
“Umalume ubengeniswe kulesi sibhedlela ephethwe wumkhuhlane ngoLwesihlanu. Ukugula kumqinise kakhulu ngeSonto, kwahluleka ngisho esefakwa i-oxygen, kodwa kwavele kwanyuka iphika, wagcina esenenkinga yokuphefumula.”
UVolovolo, obebuye azibize ngeNkosi yasePhoyinti, waqala ukubhala izindaba ezihlekisayo ephephandabeni, Um’Afrika ngokwabelana inkundla no-Ignatius “Zondisiqatha” Mdadane. Sekusungulwe Isolezwe, uVolovolo wabe esebhalela ingosi eyayibizwa Ngeso LikaVolovolo.
Kafushane, umufi ubenekhono eliyisimanga lokukwazi ukudingida udaba olunohlonze ngendlela yakhe enamancoko. Abafundi beSolezwe bebehleka baze babhuquze uma befunda amancoko kaVolovolo.
Imibhalo yakhe ibuye yacashunwa nangabalobi nezifundiswa eziningi okubalwa kuzo noMark Sanders kwi-Learning Zulu. A Secret History of language in South Africa. Wits University Press 2016. Lokhu kuvela embhalweni owahlaziywa ngo-Okthoba 6, 2017 nguWilhelm Weber.
Nakwi-https://www.degruyter.com, umbhalo kaVolovolo utuswa kakhulu.
Nombhali onohlonze kuleli, uSbusiso Q Mbhele, ubuye akuveze ukuthi ubewemfundi wengosi kaVolovolo njengoba ebhale kanje endabeni yakhe ethi Ingwijikhwebu, “intombi yakho ngapha, ungiphenya izidwaba ngeso likaVolovolo, uyangikhumula...” Amagalelo kaVolovolo abuye atuswe embhalweni okwi: https://www.grafiati.com.
UDlamini uchaze umufi njengomuntu obemnene emndenini nasemalungeni omphakathi, enothando emndenini futhi okhulise ngisho abashana.
”Ubenothando ngendlela eyinqaba. Usikhulisile, evulelekile, enakekela futhi ephila.“
UVolovolo ushiye emhlabeni umkakhe, uNkk Mbali KaMaphumulo Memela nezingane ezintathu, okunguSthembile, uLubanzi noNdalo Memela.
Phakathi kweziqu abenazo kubalwa iziqu zezokuxhumana azithola eNyuvesi yase-South Africa (Unisa).
Yize umufi ebesenomuzi endaweni yaseTafuleni, eNanda, kodwa uzofihlwa emathuneni akubo lapho abedabuka khona eSeafort, eDonnybrook, ngoMgqibelo, wangoSepthemba 7 emuva kwenkonzo ezokuba ngo-10 kubo.