NGEKE zisatakulwa izinkampani zikahulumeni ezingenzi kahle kwazise sekusebenze uR290 billion ukuzikhipha obishini njalo uma zishona phansi.
Lezi zindaba zivezwe wuNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, obethula isabelomali samaphakathi nonyaka izolo.
UGodongwana uthe kusukela ngo-2013 uhulumeni usebenzise ngaphezu kukaR290 billion etakula izinkampani zakhe kodwa lokhu sekuphelile ngoba ayikho imali ebekelwe ukuzitakula.
“Ayikho neyodwa inkampani kahulumeni esizoyitakula manje. Kufanele nazo zizenzele imali ukuze zikwazi ukusebenza. Asikwazi ukufaka imali ezosiza umphakathi ezinkampanini ezingayenzi inzuzo. Sizobheka ukuthi yiziphi ezibalulekile bese zilekelela ngezinye izindlela. Izinkampani ezingabalulekile kuzofuneka ukuthi sizidedele,” kusho uGodongwana.
Uthe lapho uhulumeni ebethembise ukuthi uzosiza, uzoqhubeka alekelele kodwa alukho uxhaso olusha azolufaka obekukade kungavunyelwananga ngalo.
Odabeni lwe-Eskom, uGodongwana uthe bazoyibheka ngeso lokhozi le nkampani kodwa uyathemba ukuvunyelwa kwezinkampani ezizimele ukuba zizikhiqizele ugesi wazo owu-100MW, kuzosiza kakhulu.
Uveze ukuthi naye akaqondi kahle okuqhubeka e-Eskom ngoba akasona isikhulu sale nkampani kodwa uzocela incazelo kwabaphethe ngoba uyadingeka ugesi ukuze kukhule umnotho bese kudaleka amathuba omsebenzi.
Uthe uhulumeni uzibophezele ekuthuthukiseni umnotho wasemakhaya nasemalokishini wathi banezinhlelo zokuheha abatshalimali ukuba bayovula amafemu kwingqalasizinda yakudala koQwa Qwa, Isithebe, Dimbaza nakwezinye izindawo.