PHEZU kokuba uhulumeni elokhu emile ekutheni ngeke badilizwe abasebenzi kodwa kucace bha izolo uNgqongqoshe weziMali uMnuz Tito Mboweni ethula isabelo sezimali samaphakathi nonyaka ukuthi izinto azihambi kahle njengoba ekubeke kwacaca ukuthi ayikho imali ezofakwa yokukhokhela abasebenzi.
UMboweni uthe isivumelwano samaholo singaphezulu ngoR30.2 billion kunalokhu obekuhleliwe.
Uthe ngenxa yalokhu ngeke kube khona imali ezofakwa ngumgcinimafa. “Ayikho imali ezofakwa okungeyabasebenzi. Ayikho imali yamaholo. Iminyango kuzomele ifune imali ngaphakathi ukuze ikhokhele abasebenzi. Kuzomele ibhekisiswe eyokusebenza isikhathi esengeziwe kanjalo nokukhokhelwa kwabantu amabhonasi ngokwenza kahle."
Uhulumeni ubehlele ukuthi uzokhokha uR212.5 billion wamaholo abasebenzi onyakeni wezimali kodwa le mali yanyuka ngemuva kwesivumelwano yaba nguR242.7 billion, yanyuka ngoR30 billion.
Imali ekhokhelwa abasebenzi ingu35% wemali echithwa nguhulumeni.
Isimemezelo sikaMboweni, oyiphindile le nkulumo yokuthi ngeke ifakwe enye imali kumaholo abasebenzi, sisho ukuthi iminyango kuzomele ithathe imali kwezinye izinhlelo okusho ukuthi kuzothinteka izinhlelo zokuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
Uhulumeni uqashe abasebenzi ababalelwa ku-1.3 million.
ICosatu iyaveva ngesimemezelo sikaMboweni mayelana nokunyuka kakhulu kwesabelo sezimali sabasebenzi bahulumeni.
UNobhala weCosaut uMnuz Bheki Ntshalintshali, uthe kuyadumaza ukuthi kugxekwe abasebenzi ngezinkinga ekubeni kungebona abadle imali kwa-Eskom, bakha iNkandla noma bathumela imali eDubai.
Uthe abasebenzi abahambi namakhosikazi abo uma beya kwamanye amazwe wathi othisha, abahlengikazi namaphoyisa basebenza kanzima.
“Asimzwanga uNgqongqoshe ekhala ngoR2.4 million oholwa oNgqongqoshe okubalwa naye. Uhulumeni akanalo uhlelo lokwehlisa ikhabhinethi eyanda njalo nokulawula izinkampani ezingaphansi kwakhe.”
Uthe bamshayela ihlombe ngesimemezelo asenzile sokuthi ngokuvalwa kwezikhala kwezempilo kodwa besifuna ukuzwa ngendaba yamaphoyisa abalelwa ku-56 000 azinze emahhovisi engabe atshalwa ensimini.
Ukhale kakhulu ngokungavalwa kwezikhala zothisha, abahlengikazi, ojele, amaphoyisa nodokotela.
UNobhala jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) uMnuz Zwelinzima Vavi, uxwayise uMboweni ngokuthi bazolwa naye uma ediliza abasebenzi.
Uthe kumele ehlise ikhabhinethi kungadlalwa ngabasebenzi abazikhandlayo besebenza ngaphansi kwezimo ezinzima.
Uqhube wathi agcwele amakilasi, amaphoyisa ayashoda nokutih akumele kwehliswe isibalo sojele.
Esithangamini sabezindaba ngaphambi kwesabelo sezimali uMboweni uthe kumele ikhabhinethi ingabi nongqongqoshe abangaphezulu kuka-25 ngoba akuwakhi umqondo.
Uthe akuwakhi umqondo ngakwezimali ukuthi kube nongqongqoshe abangu-35, ababa namaphini abo okusho ukuthi ongqongqoshe bangu-70.