AYA ngokusimama amandla kagesi njengoba sekuqale ukushisa, kwancipha amakhaza alethwa ubusika.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe kaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa izolo ngesikhathi enesithangami nabezindaba eHatfield ePitoli.
URamokgopa uthe njengamanje amandla kagesi anyuke aze afika ku-29 000 Megawatt.
Uqhube wathi lokhu kudalwe ukuthi sesehlile isibalo sabantu abasebenzisa kakhulu ugesi, ngezindlela ezahlukene ukuze bazigcine befudumele.
Nokho uRamokgopa uthe lokhu akusho ukuthi sekuzophela ngokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
"Lokhu kusimama kwamandla kagesi kuzosilekelela kakhulu kulokhu esazibophezela kukho esikhathini esicishe sibe ngangonyaka esedlule lapho sathi khona sizimisele ngokubuyisa uzinzo uma kuthintwa indaba kagesi," kusho uRamokgopa.
Uthe ukuze baqinisekise ukuthi kukhona uzinzo kugesi wakuleli esikhathini eside esizayo, kubalulekile ukuthi bacishe ezinye iziphehlimandla uma kunesidingo, kubhekwe ukusebenza kwazo ukuze kugcine kuncipha ukucishwa kukagesi.
"Ukucishwa kukagesi kuwubuhlungu besikhashana obuzozala inzuzo ekuhambeni kwesikhathi ngoba uma zilunga iziphehlimandla, zizonikeza ngamandla kagesi engeziwe," kusho uRamokgopa.