NAKUBA iqembu elikhulu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, i-MK lithi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthinte izihloko ezimqoka ngesikhathi ethula umhlahlandlela kahulumeni wesifundazwe kodwa lithe alinalo ithemba lokuthi uzozifeza izethembiso azenze.
Bakusho lokhu ngesikhathi bephawula emva kwenkulu eyethulwe nguNtuli esiShayamthetho, eMphithi.
Inkulumo kaNtuli ibigxile ekuthuthukiseni umnotho, ukulwa nendlala, ubugebengu, nenkohlakalo, nokuthuthukisa ezemfundo nezempilo.
Inkulumo inconywe ngamaqembu abusa ngokubambisana ne-IFP kuhulumeni wesifundazwe; okuyi-ANC, DA ne-NFP.
La maqembu athe izinhlelo ezimenyezelwe nguNtuli zizothuthukisa isifundazwe.
Kepha abe-MK bathe bazokholwa uma sebebona uNtuli esenza lokho akuthembisile.
I-MK iyona enezihlalo eziningi esiShayamthetho.
Umdidiyeli we-MK KwaZulu-Natal, uDkt Kwazi Mbanjwa, uthe uhulumeni uhlezi wenza izethembiso ezigcina zingafezwanga.
“Siyazi ukuthi uNtuli uyaqala ukuphatha uhulumeni wesifundazwe. Abantu abasebenzi, badinga imisebenzi, ubugebengu buphezulu. Kuningi akushilo okwenza umqondo. Inkinga yethu ukuthi izikhathi eziningi kuba nezethembiso kodwa akukho okuphumelelayo.”
UMbanjwa uthe njengeqembu eliphikisayo bazolandelela ukuthi izithembiso ziyafezwa.
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu ophinde abe uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe inkulumo kaNtuli iyahambisana naleyo eyethulwa uMengameli Cyril Ramaphosa, ngesikhathi evula iPhalamende.
“URamaphosa wakhuluma ngendaba yokuthuthukiswa komnotho. UNtuli naye ukhulume ngokuthuthukiswa kwechweba laseRichard’s Bay, waphinde wakhuluma ngendaba yokulwa nobegebengu.”
UDuma uthe vele igeja selisensimini kubaphathiswa baKwaZulu-Natal.
“Sivele sesiqalile siyasebenza. Thina nje sesikwazile ukuvakashela abashelwa izindlu ngesikhathi kunomlilo wequbula.”
UMphathiswa wezeziMali ophinde abe umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe okubajabulisile ukuthi uNtuli ugcizelele eyokuthi ukusetshenziswa kwemali yomphakathi kuzoqashwa ngelokhozi.
“Mahle impela amaqhinga athulwe undunankulu, kodwa ke okubalulekile ukuthi kufezwe izinto azethembisile. Sizolwela ukuthi ziyafezwa zonke.”
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi ophinde abe usihlalo we-NFP KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, uthe beyikhabhinethi lesifundazwe bazokuba ‘omabizw’ asabele’.
“Usikhuthaze kakhulu thina malungu ekhabhinethi lakhe ukuthi ulindele uhulumeni ozogijima, ozosheshe ufinyelele, kufezwe izidingo zabantu. Siyakuthatha ke lokho, sizogijima nakho.”
Namuhlanje kuzokuba nenkulumompikiswano esiShayamthetho lapho khona amaqembu ezobhunga ngenkulumo kaNtuli.