UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, unxuse amalungu ekhabhinethi lakhe ukuba akhohlwe izimpi ezingathi shu.
UNtuli unxuse abaphathiswa baKwaZulu-Natal ukuba bakhombise ubumbano, baphinde bagxile ekuhambiseni izidingo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakuvula umhlangano wekhabhinethi, obizwa ngelekgotla.
Ikhabhinethi yaKwaZulu-Natal ixube abaphathiswa abaqhamuka emaqenjini ahlukene, i-IFP, ANC, DA neNFP.
UNtuli uthe abantu baKwaZulu-Natal balindele ukuthi uhulumeni wokubambisana usebenze ngaphandle kwezihibe.
“Asikho isikhathi sokudlala. Asikho isikhathi sezimpi ezingathi shu. Abantu baKwaZulu-Natal bathembele kuthina, asingabaphoxi.”
Lo hulumeni ongakaqedi izinyanga ezimbili usunguliwe, usuke wabhekana nezivunguvungu.
Kuke kwajikijelana ngamazwi uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo noMphathiswa woMnyango wokuBusa ngokuBambisana oyilungu le-IFP, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
UMtolo wayesola uButhelezi ngokuzenzela umathanda komasipala, emsola ngokushintsha abalawuli ngaphandle kokulandela imigomo.
UMtolo ube nomhlangano noNtuli izolo, naphambi kokuqala kwelekgotla.
Wale waphetha ukuphawula emva komhlangano wabo, wathi bebezikhulumela ezomndeni.
UNtuli uthe abaphathiswa kufanele bangakhohlwa ukuthi bahlanganiswe into eyodwa, athe ukuhambisa izidingo kubantu.
“Lona uhulumeni wamaqembu ahlukene ahlanganiswe injongo eyodwa, ukwakha iKwaZulu-Natal elungele wonke umuntu, enamathuba ekusasa elisha. Kulo mhlangano kufanele sivumelane ngezinhlelo zokuhambisa izidingo kubantu.
“Ngesikhathi ngigcotshwa, ngathembisa ukuthi sizosebenzela abantu baKwaZulu-Natal. Manje sekuyisikhathi sokuthi sikhombise ukuthi sizimisele kangakanani ukusebenza ngokubambisana. Ukuzimisela kwethu kuzokhombisa ukuthi sizinikele kangakanani ngokusebenzela abantu.”
UNtuli uthe babeke eqhulwini ukukhulisa umnotho nokudala amathuba emisebenzi.
Uthe umnotho waKwaZulu-Natal ukhahlamezeke kakhulu ngesikhathi kuhlasela icorona, ngesikhathi kunezibhelu zokuzitapela nangezikhathi ezehlukene okuhlasele ngazo izikhukhula.
UNtuli uthe bazimisele ukulwa nobugebengu obudlangile esifundazweni.
“IKwaZulu-Natal seyaziwa njengesizinda sezinkabi. Kwaziwa ukuthi abantu babulawelwa ubala lapha. Lokhu ngeke kusiqede amandla, sizoqhubeka nokulwa nobugebengu. Iqhinga esifuna ukulisebenzisa ilelo lokuqala ngokulwa nobugebengu obuncane. Okwenza sifune ukusebenzisa leli qhinga ukuthi uma sibayeka abenza amacala amancane, lokho kugqugquzela abantu ukuthi benze amacala amakhulu ngoba babona sengathi umthetho awuqinile.”
Umhlangano welekgotla uzophela namhlanje.