“SESIZOKWAZI ukukhulukeka sikwazi ukuhlolwa ngaphandle kokwesaba ukuthi amalungu omphakathi azokhuluma ngathi uma esibone emitholampilo.”
Lokhu kushiwo uMnuz Sanele “Khalamfazi” Vilakazi ongumholi weqembu lengoma Izihogo zeLanga ezisoLundi ngesikhathi kwethula ngokusemthethweni uhlelo oluzohlanganisa amaqembu engoma azobe esina ezindaweni ezehlukene. Lolu hlelo luzobe luhambisana nokuthi kube nodokoteka nabahlengikazi njalo uma kunengoma ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal, Izingoma Zempilo, olwethulwe KwaNyuswa, izolo.
UVilakazi owuthishanhloko eMvalo High, uthe kuyiqiniso ukuthi amadoda awakhonzile ukuya emitholampilo ayozihlolela izifo. Amanye awafuni nokwazi ukuthi anaziphi izifo, ancamela ukufa engazi ngoba esaba ukuthi emitholampilo yangasemakubo azobonwa ngamalungu ophakathi.
"Ingoma ithandwa kakhulu ngabantu besilisa, ngiyakholwa ukuthi uma kunodokotela nabahlengikazi kuzosisiza ngoba sizohlolwa silapho kade sihlangene khona. Uma sengihloliwe ngizoba nesikhathi sokuthi ngamukele isifo sami bese ngithi uma sengamukelile bese ngiya emtholampilo kahle sengazi ukuthi nginasiphi isifo," kusho yena.
UMnuz Siphamandla “Kissbefore” Biyela oyigosa eMpangeni, uthe abakuthandayo ukuthi ingoma iyahambisana nombono kahulumeni wokuthi abantu bazivocavoce.
"Ukusina kungukunyakazisa umzimba. Ngalolu hlelo sesizokwazi ukuthi sihambisane nayo yonke iminxa yokuzigcina uphilile okungukwelashwa nokudla imishanguzo yalezo zifo ezitholakele kithi," kusho uBiyela.
UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uthe sekunesikhathi bekhathazekile ngokuthi amadoda awayi emitholampilo, okuphethe ngokuthi babheke ukuthi iyiphi indlela abangayisebenzisa ukuze bafinyelele kuwo.
"Amadoda uma sikhuluma nawo abekhala ngokuthi enye inkinga eyenza ukuthi angayi emtholampilo ukuthi alikho igumbi lawo azokhululeka angene kulo. Siyilungisile leyo nkinga, asekhona amagumbi amadoda kuphela kweminye imitholampilo. Siyakholwa ukuthi ngalolu hlelo sizokwazi futhi ukuthi sifinyelele emadodeni amaningi asuke ehambele ingoma," kusho yena.