ABAHLAZIYI abazimele bathi owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uzalelwe yinja endlini njengoba kuzomphoqa ukuba ethule ubufakazi kwiKhomishini ephenya ngokuLawulwa koMbuso iDlanzane, njengoba sekunqume iNkantolo yoMthethosisekelo.
Izolo le nkantolo ichithe isicelo sikaZuma sokuba angafakazi kule khomishini.
Ijaji uChris Jafta, izolo linqume ukuba uZuma ayofakaza kwikhomishini, futhi angasebenzisi ilungelo lakhe lokuba athule uma ebuzwa imibuzo.
Umhlaziyi ozimele, uMnuz Protas Madlala, uthe uZuma kumele ayofakaza njengoba eyalelwe inkantolo.
“UZuma uzalelwe yinja endlini, inkantolo yokugcina lena. Ngeke akwazi ukudlulisela udaba lwakhe noma ukucasha ngesithupha. Kuzomele azofakaza. Kufake kakhulu usawoti esilondeni ukuthi inkantolo ithi kumele nakanjani aphendule imibuzo. Ngeke akuthole ukuphumula uZuma, nathi siyizwe ngeke sithole ukuphumula uma engazange afakaze. Mina ngiwuZuma, ngingavele ngiyofakaza, ngiphendule imibuzo ngoba abantu bafuna ukwazi iqiniso kule khomishini. UZuma akazehlise. Uma eqinisa ikhanda angazi uzofikaphi ngoba usechithwe kaningi. Uma kukhona iphutha elenzeka, akalivume bese eyaxolisa esizweni. Ungathola isimanga ukuthi abantu bazomxolela njengoba bawaxolela amaBhunu ngesikhathi sobandlululo,” kusho uMadlala.
Omunye umhlaziyi, uMnuz Thabani Khumalo, naye uhambe emazwini kaMadlala wathi uZuma akukho angakwenza ngoba amanzi asengene endlini.
“Ukuphoqeka kwakhe ukuba afakaze kusabeke itshe emahlombe akhe. Bese kubukeka sengathi uyabaleka uZuma ukuphumela obala, manje amahlathi aphelile. Osekusele manje ukuthi aye kwikhomishini avele akhulume okomuntu esefa, akhulume lonke iqiniso ngakwaziyo. Uma kukhona akwaziyo okungahambanga kahle, akavume bese eyaxolisa esizweni. Lokho kuyokwehlisa ingcindezi emahlombe akhe, naye athole ukulala kahle ebusuku,” kusho uKhumalo.
Omunye umhlaziyi uMnuz Ralph Mathekga, uthe sekufike ekugcineni kuZuma, ngeke esadabula ukuba angafakazi.
“Okokuqala nje kwisinqumo senkantolo kuthiwe ngeke esasebenzisa izinkantolo ukubalekela ukufakaza kwikhomishini. Yize kunjalo, inkantolo ngeke kodwa imphoqe ukuba abe neqiniso uma efakaza. Umbuzo manje ukuthi ngabe uzoveza ubufakazi obuyiqiniso yini? Uzophendula yena imbuzo ezobhekiswa kuyena, kodwa kungenzeka atholwe engufakazi ongenalo iqiniso uma ezovele athi angazi ngalokho engibuzwa khona,” kusho uMathekga.
UZuma uke wafakaza kule khomishini, washiya phakathi efuna usihlalo wayo ahoxe uma yena ezofakaza, ekhala ngokuthi banobudlelwane bangasese. UJaji Raymond Zondo, usihlalo wale khomishini, wachitha isicelo sakhe.
Khonamanjalo kule khomishini izolo kuvele ukuthi kwasetshenziswa budedengu izigidi ukugada indiza kaZuma ngaphansi kweState Security Agency (SSA).
Ufakazi ofihliwe ovezwe ngokuthi uMs K kuphela, uthe ngenyanga kwakukhishwa imali enguR1.5 million ukuze kwenziwe lo msebenzi.
Lo fakazi owayephethe uhlelo olwalubizwa nge-Project Veza, uveze ubufakazi obuhambisana nalowo obekulindeleke ukuba afakaze naye ezifihlile obizwa ngo-Mr Y. Ufakazi lo akakwazanga ukufakaza njengoba egula kakhulu esibhedlela.
Ngokobufakazi obuvelile, lolu hlelo, kwakumele luqinisekise ukuthi umengameli uphephile, lagcina seluthathe u-40% wesabelomali sikaR48 million noR38 million, enyakeni wezimali ka-2015/16 no-2016/17.
“Lokhu kwakusho ukuthi u-40% wonke wesabelomali wawuya kulolu hlelo oluqinisekisa ukuthi indiza kamengameli iphephile,” kusho uMs K.
Uthe kuningi nje okwakwenzeka kungafanele njengoba ithimba elalisebenza ngaphansi kwalolu hlelo lwalukwazi ukuthola izibhamu, lukwazi nokungenelela odabeni lokuhanjiswa kwemali.
Uthe khona nabanye abathinteka ekuntshontshweni kwemali enguR17 million eyayingukheshi ihlala kwekomkhulu leSSA eMusanda, eTshwane, ngoDisemba 2015.