UKUKHOTHAMA kweNgonyama yamaZulu iSilo samaBandla, kwenze amanye amakhosi aKwaZulu abanovalo ngomhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust.
Inkosi yakwaButhelezi eVryheid, uMfanuvele Buthelezi exoxe neSolezwe ngeSonto kwaNongoma, ithe amakhosi anovalo njengoba ikomidi leNgonyama Trust lisaphuma lingena enkantolo livikela ukuthathwa komhlaba weNgonyama.
"Njengamanje asazi kuzokwenzekani njengoba iNgonyama isikhotheme okuyiyona ebiyenza isiqiniseko sokuthi umhlaba wayo awudliwa. Uma kungukuthi akabikhona ozomela lolu daba ngendlela iNgonyama ebelimele ngayo, abafuna ukudla umhlaba bazozenzela. Uma usungaphansi kukahulumeni kuzoba lukhuni ukuthi amakhosi akwazi ukuphawula ngawo nokulekelela abantu ezindaweni zamakhosi.
“Kumanje maningi amathuba esiwavulela umphakathi ezindaweni zethu ngoba umhlaba usengaphansi kweNgonyama. Kukhona namathuba omsebenzi nokuqinisekisa ukuthi abantu banokudla ngoba bayalima baphinde bakwazi nokudayisa. Uma umhlaba usungaphansi kukahulumeni ngeke lokho kusenzeka kalula ngoba kuzobe sekulawulwa ukusetshenziswa kwawo," kusho inkosi uButhelezi.
INgonyama ikhothama nje, udaba lomhlaba weNgonyama Trust lungenye yezinto ezishisa ibunzi njengoba belungakaxazululeki.
Inkosi uMabhudu Tembe wesizwe sakwaTembe eManguzi, ikuqinisekisile ukuthi lukhona uvalo njengoba iNgonyama isikhotheme.
“Sethemba ukuthi ngeke kwenziwe isihluku sokuthathwa kwesinqumo sokuthi kudliwe umhlaba weNgonyama ngoba ingasekho. Kuzobe kungebona ubuntu ukwenza kanjalo. Ngifisa ukuxwayisa uhulumeni ukuthi sisekhona njengamakhosi futhi sizoyivikela iNgonyama Trust. Sisamile ekutheni umhlaba weNgonyama Trust kumele ube ngaphansi kobuholi bomdabu ukuze kuhlomule abantu basemakhaya,” kusho inkosi uTembe.
Okhulumela iNdlu yabaHoli boMdabu kuzwelonke uMnuz Mandla Linda uthe bafe olwembiza impela ngokukhothama kweSilo ngoba besiphambili sivikela amasiko nomhlaba nenhlalakahle yabantu basemakhaya. Uthe kuzosala isikhala esikhulu ebuholini bomdabu ngoba bazobukhumbula ubuhlakani beSilo.