UMHOLI we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi, uthi akaze axabane ne-ANC yize sekukaningi abaholi bayo bemthuka.
UButhelezi ukusho lokhu emicimbini wokugubha iminyaka ewu-90 edla anhlamvana obusenkundleni yemidlalo oLundi.
Uxolise kubo bonke abenza kabi wathi naye uyisoni njengabo bonke abantu abaphila kulo mhlaba.
“Mina nginesigcwagcwa njengoDkt Pixley ka-Isaka Seme. Njalo uma kukhulunywa ngaye kuKhongolose kuthiwa omunye wabasunguli be-ANC. USeme wonke sekungathiwa ungomunye wabasunguli ekubeni kwaziwa ukuthi wasungula i-ANC..Hhawu nikhona,” kusho uButhelezi.
Uthe ngendlela abaholi be-ANC ababengamfuni ngayo, baze bamvimba ukuba ahlangane noDkt Nelson Mandela futhi babengafuni uMandela aqhakambise ukuthi walwa kangakanani ecindeza uhulumeni wamaBhunu ukuba akhululwe ejele.
“Ngendlela enginesigcwagcwa ngayo kukhona lapho uMandela, owayengumngane wami singamathe nolimu naye, atshela khona amaqabane ukuthi ngalwa kanjani ukuze aphume ejele. Omunye umholi wathi kuMandela, ‘awu kanti ulokhu uncoma kanti ukhuluma ngoklova’,” kusho uButhelezi. Uthe usebambe engumengameli wezwe izikhathi eziwu-22.
Okokuqala wabizwa nguMandela e-Australia ethi akabambe njengomengameli wezwe. Uthe abaholi be-ANC bacasuka kwathi abazibulale.
Etekula uthe uyezwa kuthiwa uyikhehla kodwa yena akasilo noma eseno-90.
Owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uthe abantu be-IFP kumele bazi ukuthi i-ANC ne-IFP yinto eyodwa.
“Ngaphandle kwalokho yiqhawe leli. UShenge uwulwele umzabalazo waseNingizimu Afrika. Lokho akubuzwa. UShenge usakhele inhlonipho, uma egxeka ukwenza lokho ngokwakhayo. Ngiyakhumbula ukuthi kukhona omunye umengameli, (uMnuz Cyril Ramaphosa) owambiza ngeChief (inkosi). Wamqondisa wathi uyiPrince (uMntwana),” kusho uZuma.