NAMHLANJE kugujwa i-International Condoms Day, usuku lapho emazweni ehlukene emhlabeni kwenziwa imikhankaso yokuqwashisa abantu ngobungozi bocansi olungaphephile, kukhuthazwe ukuzivikela uma beya ocansini ukuze bagweme izifo ezeyamene nocansi kanjalo nokukhulelwa okungahlelelwe.
Lokho kuza nje kukhona abamagange ngeValentines Day, usuku olwaziwa ngokuthi ngolwezithandani, lapho abantu abasebudlelwaneni bothando behlela izindlela ezahlukene zokuzijabulisa, okuvame ukuphelela ezithokoziseni ngocansi.
Ucwaningo lwabezempilo lwaveza ukuthi esinye sezizathu ezenza kwenziwe lo mkhankaso waminyaka yonke wukuthi babalelwa ku-1 million abantu abatheleleka ngezifo ezeyamene nezocansi, phecelezi ama-sexually transmitted infections (STIs), bese ziba ko-80 million izigameko zokukhulelwa okungahleliwe emhlabeni.
Ukusiza nokucebisa abantu abazozibandakanya ocansini ngale mpelasonto, isikhungo sezempilo esizimele, i-Affinity Health, sesikhiphe amathiphu angasiza ukugwema izinkinga ezinje.
1. Bekani eqhulwini ukuxoxa nomuntu wakho
– Ukuxoxa ngokukhululeka nomuntu othandana naye kuyisisekelo sobudlelwano obunempilo. Xoxa nesinqandamathe sakho ngezinhlelo zenu zangalobo busuku benjabulo bese nivumelana ngokuthi izinto nizozenza kanjani.
2. Qoka ukudla okunempilo nokunamandla ngalelo langa
– Ngabe nihlela ukwenza isidlo sakusihlwa esingqangqayo? Uma kunjalo, kungasiza ukuqoka ukudla okungenamicikilisho etheni kodwa kube nempilo njengofishi ophekwe ngendlela enempilo nesaladi ukuze nibe nomfutho namandla uma senizijabulisa.
3. Phuza amanzi ngokwanele
– Kuleyo njabulo yakho nesithandwa sakho ungalibali ukuphuza amanzi ukuze ungaphelelwa ngamandla - ufane nesibani esicisha sisadingeka.
4. Iya ocansini ngendlela ephephile
– Lesi yisikhathi esihle nesifanele ukuthi uye ocansini ngendlela ephephile ukugwema ukuthi injabulo yakho nomuntu othandana noma olale naye iphethe ngobuhlungu noma ingxabano. Sebenzisani amajazi omkhwenyana agunyazwe ngabezempilo ukuze niphephe kukho konke enikwenzayo.
5. Akube nenhlanzeko kukho konke enikwenzayo
– Ukuqikelela inhlanzeko ngaphambi kwakho konke ozokwenza nesithandwa sakho kungenza sibone ukuthi ubuhlelele ubusuku benu benjabulo ngakho qikelela ukuzigcina uhlanzekile, ugeze futhi unuke kamnandi, ugqoke nezimpahla ezihlanzekile.
6. Gwema ukuphuza utshwala ngokweqile
– Kulesi sikhathi azivamile ukusala ngaphandle iziphuzo ezinamandla kodwa ukuphuza ngokweqile kuyingozi ngokuthi kungaholela ekutheni wenze noma usho izinto ongazisola ngazo ngakusasa. Yehlisa kwezikaFaro, ujabulele ubusuku bosuku lwezithandani nomuntu wakho niphila saka.
7. Yenza kube nomuzwa wemfudumalo endlini
– Imfudumalo endlini ingenza kube mnandi ngokwedlule kuwena nesithandwa sakho ngakho yenza izindlela zokuthi kube njalo ngokuthi uthole amalambu akhanyisa ngokungagqamile, amakhandlela bese udlala umculo omnandi ogijima negazi.
8. Phatha amajazi omkhwenyana lapho ukhona
– Uma kuwukuthi indlela ozojabulela usuku lwezithandani ngayo ibandakanya nokuzijabulisa ngokocansi, qikelela ukuthi uhlale unamakhondomu kuyo yonke indawo ozobe uhamba khona bese futhi uphatha i-tissue paper noma ama-wipe nezibulalimagciwane ukuqikelela inhlanzeko kukho konke enikwenza ngaleso sikhathi.
9. Ungaphoqi futhi ungenzi izinto ngendluzula
– Ukuvumelana nganoma yini eyenziwayo ngaleso sikhathi kumele kube seqhulwini lenjabulo yakho nesithandwa sakho. Qikelela ukuthi ngaphambi kwakho konke enikwenzayo, niqala ngokuvumelana ukuze kungabi bikho muntu ohlukumezekayo.
10. Akungabi wucansi kuphela, kuningi eningakwenza
– Usuku lwezithandani akumele luphelele ekwenzeni ucansi kepha kunganisiza nokuthi nilusebenzise ukuxoxa ngezinto ezijulile eningajwayele ukuxoxa ngazo futhi nihlele okuningi enifuna ukukwenza nokukufeza ndawonye ngomuso.