UNOBHALA jikelele we-ANC omisiwe, uMnuz Ace Magashule, usaqhubeka nokuthi kudlalwa ipolitiki ngecala abhekene nalo lenkohlakalo elithinta ithenda kaR255 million yokukhuculula i-asbestos eFree State.
Icala lihlehliselwe uNovemba 3, lapho abameli babamangalelwa noMbuso bezozwana khona amandla ngaphambi kokuqokwa kosuku okuzoqala ngalo ukuqulwa kwecala.
Ekhuluma ngemuva kokuhlehliswa kwecala eNkantolo eNkulu eBloemfontein, uMagashule uthe okuhle nje ukuthi uNovemba 3, usuku lwakhe lokuzalwa.
“Ngingasho nje ukuthi uMbuso uzimoshela isikhathi ngecala engibekwe lona, siliphonsela inselelo ngoba siyaliqala ngqa. Sikulungele ukuqala kwecala. Sicele into elula kubo ukuthi basinikeze uhlu lofakazi babo ngoba njengabasolwa sinegunya lokwazi ukuthi ngobani ofakazi ecaleni lenkohlakalo.
“Angikaze nakanye empilweni yami ngizibandakanye kwinkohlakalo. Ngizozivikela kanjani uma ngifunda ezindabeni ukuthi ngibhekene namacala awu-70, bese ngiyayitshela intatheli ukuthi uwufundelile lo msebenzi, awungibalele amacala engibhekene nawo...uyabona nje ukuthi amacala angekho lawa,” kusho uMagashule.
UMagashule ungaphandle ngebheyili kaR200 000 emuva kokuzinikela koKlebe ngoNovemba wonyaka odlule, sekuphume incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. Kuthiwa kwaba khona imali eyaphambukiswa ngesikhathi kushintshwa uphahla lwe-asbestos. UMagashule umisiwe emsebenzini we-ANC ngenxa yamacala abhekene nawo.