WILLEM PHUNGULA
ASENGCUPHENI yokuxoshwa amakhansela e-ANC eMtubatuba ngokukhipha ubuholi beNkatha Freedom Party emandleni.
Amakhansela e-ANC kumasipala, ebambisene namanye eNkatha bashaye isikhekhelembane, baketula imeya yeNkatha uMnuz Cedric Zungu, bayikhipha ngevoti lokungayethembi ngoLwesithathu.
Kube sekukhethwa uMnuz Thobelani ‘Verus’ Ncamphalala (osesithombeni) onguMgcinimafa we-ANC wesifunda njengemeya entsha. Kodwa ubuholi benhlangano esifundazweni buthi yinto engathi shu ukuqokwa kukaNcamphalala.
Okhulumela i-ANC esifundazweni uMnuz Nhlakanipho Ntombela utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi okwenziwe amakhansela abo kufana nomdlalo wesihle imiphumela yayo engathi shu.
Uthe abakwenzile bekungaziwa muntu futhi kungagunyaziwe ngoba nobuholi besifunda buthi abaziswanga ngalesi sinqumo sokuchitha iNkatha.
“Ayikho leya nto. Kuzihlanganele amakhansela ethu namanye eNkatha azithathela isinqumo sokuchitha imeya. Thina njenge-ANC siyaziqhelelanisa naleya nto, okusele ukuthi amakhansela ethu kumele lingakapheli isonto, avele phambi kwethu azochaza ukuthi awuthathephi umyalelo noma imvume yokwenza lokhu.
Uma ehlukela ukusichazela sizowathathela izinyathelo zokuwaqondisa izigwegwe,” kusho uNtombela.
Uthe inhlangano isezingxoxweni zokubuyisana ne-IFP ezisingethwe ezingeni likazwelonke neziholwa nguNobhala Jikelele uMnuz Ace Magashule, wathi kunesivumelwano sokuthi uma kukhona izinkinga komasipala, i-ANC ne-IFP bayobambisana hhayi ukuthi badlane izithende.
Ethintwa uNcamphalala ngokushiwo uNtombela uvumile ukuthi abayazisanga i-ANC ngesinqumo sabo wathi kodwa akusho ukuthi abakwenzile akukho emthethweni. Uthe isizathu esenze bangabika ekomkhulu labo wukuthi bebesempini ngakho-ke bebefuna ukunqoba isitha bese beletha umbiko ekhaya sebenqobile.
Akuwona awe-ANC kuphela amakhansela azobhekana nolaka lokuba ngamahlongandlebe kodwa naweNkatha asenkingeni ngokudayisa imeya yawo. USihlalo we-IFP esifundazweni uMnuz Thami Ntuli, utshele leli phephendaba ukuthi amakhansela abo avote ne-ANC azobizelwa emhlanganweni azochaza ngesinqumo sawo.