AMAPHOYISA aseThekwini asekhiphe isexwayiso esiqinile ngokusetshenziswa kweziqhumane kusasa ebusuku uma sekuhlukaniswa unyaka.
Okhulumela amaphoyisa oMkhandlu weTheku, uMnuz Boysie Zungu, uthe abantu bayakhunjuzwa ukuthi iziqhumane kufanele baziqhumise ngaphakathi emagcekeni emizi yabo.
“Ukuqhumisa iziqhumane emgwaqweni noma ngaphandle komuzi akuvumelekile,” kusho uZungu.
Uthe nesikhathi okufanele abantu baqhumise ngaso iziqhumane sibekiwe.
“Isikhathi esifanele okufanele baqale ngaso ukuqhumisa iziqhumane u-11.45 kuya ku-00.15, phakathi kwamabili,” kusho yena.
Wexwayise ngokuthi abazotholwa bephula lo mthetho, bangazithola bebhekana nengalo yomthetho.
Uphinde wexwayisa ukuthi abantu kufanele baqinisekise ukuthi abalimazi abanye kanjalo nezilwane uma beqhumisa iziqhumane.
Isolezwe ngesikhathi lihambele izitolo ezimbalwa ezakhele iTheku, izolo, lithole ukuthi yize sebeqalile ukutheleka ezitolo zeziqhumane abantu kodwa kusagcwele abafuna ukwenza imali ngokuzidayisa ngasemakubo.
Omunye wabathengi, uMnuz Nkosindiphile Matabata waseClare Estate, oficwe yiSolezwe ebutha inqwaba yeziqhumane esitolo sazo esisekhoneni likaDr Yusuf Dadoo no-Ismail C Meer, uthe lesi yikhathi sokuthi benze amasenti amancane ngalesi sikhathi sonyaka.
“Siziphilisa ngakho ukudayisa iziqhumane yikho siza sizothenga kulezi zitolo ukuze siyodayisa ngalapho esihlala ngakhona,” kusho uMatabata.
Uveze ukuthi ngenxa yokuntengantenga kwesimo somnotho, seziyabiza manje iziqhumane uma beqhathanisa nangonyaka odlule.
“Ngonyaka odlule, besithola ibhokisi leziqhumane eziqhumane likaR100 ngoR950, kodwa manje selibiza R1700,” kusho yena.
Uthe lokhu kuyabaphoqa ukuthi nabo benyuse intengo yazo ngasemakubo ukuze nabo bezokwazi ukuzenzela inzuzo encane.
Imenenja yalesi sitolo, uMnun Kalpan Soni, ithe sekuqalile ukuba matasa njengoba abantu sebetheleka ngesibalo esiphezulu.
“Kodwa usuku esiye sibe matasa kakhulu ngalo uDisemba 31, lapho abantu betheleka ngesibalo esiphezulu kakhulu,” kusho uSoni.
Uthe lo nyaka uthi awufane neminye edlule uma eqhathanisa isibalo sabantu abathenga iziqhumane.