OKHULUMELA amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthi thokola themba amathunzi ayewukela odabeni lokugojela ababulali bomrepha u-AKA kodwa bacela ukubekezelelwa.
UNaicker usho lokhu ekhuluma nabezindaba eCato Manor lapho bekuboshwe khona izinkabi ebezihlome ngama-AK 47 nokusolwa ukuthi beziyosoconga umuntu othile.
U-AKA igama lakhe langempela okunguKiernan Jarryd Forbes, udutshulwe washona phambi kwendawo yobumnandi iWish on Florida ngenyanga edlule.
Ukubulawa kwakhe kwethusa abaningi kwasabalala nevideo edutshulwa abantu abathize.
U-AKA wayenomngani wakhe uTebello Matsoane naye owadutshulwa washona.
I-video iveza abantu bedubula besuka lapho becele empunzini beyoshona ngaphesheya komgwaqo.
UNaicker uthe abaphenyi bamatasa kakhulu ngaleli cala futhi bafuna ukuhlanganisa umshubo wedokodo elizofika liphase enkantolo kuvalelwe ababulali.
“Kuningi okufanele sikwenze kahle njengoba nazi ukuthi maningi amacala achithwayo enkantolo ngenxa yokujaha kwamaphoyisa ukubopha.
“Sisebenzisana nabe-NPA ukuze uma sihambisa idokodo enkantolo libe nesisindo ukuze bangaphunyuli abasolwa.
“Ithimba eliphenyayo aligayelwa mphako selibophe emacaleni aphezulu kakhulu,’’ kusho uBrig Naicker.
UNaicker ucele ukuthi abantu babekezele bayozwa uma sekulunga.
“Ngokuthola kwethu uphenyo luza kahle, sicela abantu basibekezelele ngoba kubalulekile ukuthi nakuba singaphansi kwengcindezi kodwa uphenyo silwenze kahle.
“Uma idokodo lichithwa, thina njengamaphoyisa siyongena ehlazweni,’’ kusho uBrig Naicker.
Ngaphandle kwalokhu uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele phambilini wamemezela ukuthi icala liphenywa wuBrigadier Vela Cele.
UBrig Cele waziwa njengomphenyi ongagayelwa mphako, wuyena owavalela umbulali ka-Uyinene Mrwetyana, uLuyanda Botha.
UNgqongqoshe uCele waveza nokuthi amaphoyisa acubungula ubufakazi obutholakle kumaselula abantu abathile.