ADELE iholo lawo amaphoyisa esifazane azinze eDurban Station, eThekwini, ayonikelela abafundi nemindeni eswele eMadundube, eStanger, kusukela ngoLwesihlanu.
La maphoyisa esifazane asebenza ngaphansi kophiko lweRapid Railway, alule isandla ngohlelo lwawo lokubuyisela emphakathini ethatha emaphaketheni awo ukuqinisekisa ukuthi ahlinzeka izingane zesikole zamabanga aphansi ngamaqakelo nomfaniswano wesikole. Awagcinanga lapho, aphinde avakashela eminye yemizi ehlwempu kule ndawo afike anikele ngokudla, izimpahla zokugqoka, izingubo zokulala, amathoyizi odado nezitsha zokudlela.
UConstable Fikile Nkunzi uthe yize lokhu bekwenze ngenyanga yabesifazane kodwa basuka kude nemizamo yokulekelela abaswele. Uveze ukuthi yize baqala beyisikhombisa kodwa isiteshi sonke manje siyingxenye yalolu hlelo nokwenza zibe ningi nezinto abanikela ngazo.
Ozakwabo besilisa nabo uthe abazibekile phansi, bayabeseka ngazo zonke izindlela babaphelezele noma sebehambisela izikole nemindeni eswele lolu xhaso.
"Umndeni ebesiwunikelela ngoLwesihlanu siwuthole ngomunye wozakwethu wesilisa, uWarrant Officer Gumede, ohlala ewusiza. Sibone kukuhle nathi siyomlekelela njengoba kuyinyanga yabesifazane ngoba umndeni awusebenzayo nesimo sawo udinga usizo lwezandla eziningi.
“Amaphoyisa onke akhiphe imali yawo ukuze kuthengwe izimpahla ngoba asikakabi nalo uxhaso, njalo uma sizonikela siyahlanganisa sizithengele thina izinto zokunikela," kusho uConst Nkunzi.
Uthe iphupho labo likhulu kakhulu kodwa amandla abo awaneli ukuthi bakwazi ukusabalala, balekelele ezindaweni eziningi. Ukusebenza ngabantu nokuhlala behambela amakhaza ahlukene bengamaphoyisa, ngezinye zezinto athi kwenza bakukhuthalele ukusiza umphakathi.
"Asifisi kube yile nyanga kuphela esikwazi ukusiza ngayo ngoba kweyabesifazane. Nanoma inini uma sibona isimo esibucayi nesiphuthuma kakhulu, siyazama sihlanganise imali siyiRapid Railway, siyophonsa esikwazi ukukuhlanganisa. Siyafisa ukukhula sikwazi nokwandisa isibalo sabantu abasizakalayo," kusho yena.
Uthe into ebalulekile kubona wukwenza umehluko baphinde babuyise ithemba emphakathini ikakhulu ezinganeni ezisezikoleni nokwenza bakukhuthalele kakhulu ukuhambela nezikole.