AKHATHAZEKILE amakhosi ngokwanda kwezigameko zokuphambana kwezidumbu, athi kubangelwa ubudedengu obenziwa ngabasemakhazeni ngenxa yokuthi imindeni ayivunyelwa ukubona osuke ebulawe yiCovid-19.
Yize amakhosi ehambisana nokungavulwa kwamabhokisi, kubonwe osuke ebulewe yiCovid-19, akhathazwa ukuphambana kwezidumbu imindeni ingcwabe izidumbu okungezona. Athi abulungiswe ngokushesha lobu budedengu.
Usihlalo weNdlu yobuholi bezoMdabu KwaZulu-Natal , inkosi Phathisizwe Chiliza, uphonsele izinkampani zabangcwabi inselelo yokuthi kumele ziqinisekise ukuthi lobudedengu buyaphela.
‘Kuyishwa ngokwesiko lesintu ukungcwaba isidumbu okungesona esalowo mndeni. Kufuneka kubekhona izinto ezenziwayo ukugeza nokususa leyo nto. Siyanxusa makube khona ukuqikelela,” kusho uChiliza.
Uthe ngaphambi kokudedelwa kwesidumbu emakhazeni, akubekhona ilungu elilodwa lomndeni elizogqokiswa izimpahla zokuzivikela kwiCovid-19, bese lihlonza isidumbu selungu lawo.
“Kumele likwazi ukuhlonza libone ngempela ukuthi isona kanye isidumbu selungu lomndeni walo esiyongcwatshwa,” kusho uChiliza.
Uchaze lesi simo njengesibuhlungu,wathi imindeni ishiywa yilungu lomndeni bese iphinde izongcwaba izidumbu okungezizona ezawo.
“Lobu budedengu obenziwa abantu basemakhazeni abugcini ngokumoshela imali umndeni osukungcwaba, buphinde buwubangele inkinga. Siyaqonda abangcwabi basebenza ngaphansi kwengcindezi yokwanda kwabashonayo, nokuthi kumele balandele imigomo yeCovid-19 kodwa kumele basebenzisane nemindeni eshonelwe, uma behlonza izidumbu,” kusho uChiliza.
Izinhlangano ezahlukene zabangcwabi zisanda kuveza ukuthi kuvumelekile ukubonwa kwesidumbu yilungu lomndeni walo elilodwa, ngaphambi kokuthi sikhululwe emakhazeni. Bathi awukho umthetho ovimbela lokhu futhi bakwenza belandela umthetho womvalelandlini.